Seziphumelele izitshudeni zeLANGA

537

Zaziphume kuleli phephandaba eminyakeni edlule zicela uxhaso lokuya enyuvesi

MTHOBISI SITHOLE

UMnu Siyamdumisa Mtshali (okwesokudla) eminyakeni edlule ethola usizo kwiLANGA.
IZITHOMBE: YINQOLOBANE YELANGA / ZITHUNYELWE

AKAWUVALI umlomo ngeqhaza lephephandaba ILANGA empumelelweni yakhe neyomfowabo, umfundi ophumelele ngoCum Laude kwiBachelor of Commerce, e-University of Zululand (Unizulu), Kwa-Dlangezwa, eMpangeni njengoba ebethweswa iziqu ngoNtulikazi (July) nonyaka kuyona le nyuvesi. 

UNkz Nonjabulo Mtshali (22), uthi ngesikhathi eqeda umatikuletsheni eMenzi High School, eMlazi, ngo-2017, wayengazi ukuthi uzoya ngani enyuvesi ngoba babekhuliswa kanzima nguninalume emuva kokushona kwabazali bakhe. 

“Ngangingazi nokuthi ngizomisa kanjani, kodwa ngokuthola usizo lweLANGA okuyilona elangizamela ozongisiza, konke kwenzeka. 

“Ngesikhathi kwenzeka konke lokhu, ngangingenawo umakhalekhukhwini, amabhodwe engangizopheka ngawo uma sengifika enyuvesi, ukudla nezimpahla zokugqoka, kodwa ngokungenelela kweLANGA ngakuthola konke, langitholela uMnu Nhlanhla Cele owangisiza,” kusho uNkz Mtshali. 

Uthi njengamanje wenza iPost Graduate Diploma kwi-Accounting Science, e-University of Cape Town. Ngenxa yokuphasa kahle kwakhe ngonyaka wokuqala (2018) e-Unizulu, uthi wakwazi ukuthola iThuthuka Bursary Fund, okuwumfundaze ogxile ekwesekeni abafundi abaphasa kahle kulo mkhakha. 

“Ngifuna ukugqugquzela abanye abeza ngemuva ukuthi empilweni uyakwazi ukuzikhethela indlela ofuna ukuyihamba nofuna ukuyiphila. 

“Kubalulekile nokuqonda kangcono ukuthi uma uphase ngamalengiso kumatikuletsheni, akuchazi ukuthi nasenyuvesi kuzoba kanjalo” kusho unonjabulo. 

Uthi ngesikhathi ethola iThuthuka Bursary Fund, babewu-100, kwashaya isikhathi sokuphothula iziqu zakhe sebewu-30 ngenxa yokuthi abanye yayibashiya endleleni uma sekubhekwa ukuphasa kwabo unyaka nonyaka.

Uthe nomfowabo, uMnu Siyamdumisa Mtshali, wagila izimanga ephothula iBachelor of Accounting Science ngamalengiso e-University of Johannesburg ngo-2019, kumanje useyasebenza. 

UMnu Mtshali ungomunye wabafundi okwangenelela ILANGA lawuhlaba lawulawula ngo-2016, ngesikhathi ephothule umatikuletsheni eMenzi High. 

Wazifikela mathupha emahhovisi aleli phephandaba nemiphumela yakhe emihle, wathola usizo. Ngesikhathi beqhubeka nemfundo yabo, babengakhohlwa wukuthumelela leli phephandaba imiphumela yabo yasenyuvesi.

Previous articleObeqhosha ngoMsinga ubulawe etekisini
Next article‘Imbokodo mayingavumi ukuhlukunyezwa’