TSEPO MOLEFE
UBANJISWE yiphenti elitholakale elawini owesilisa waseNtshabantu, eMpendle, othumbe umshana wakhe obeyitshitshi, wamdlwengula, wambulala, emuva kwalokho wayolahla isidumbu ngaphandle kwekhaya lakhe.
Isidumbu sikaNkz Nobuhle Nyinde (23) (osesithombeni), sitholakale ngeSonto sinqunu, emuva kokuba enyamalale ngoMgqibelo.
Kulesi sigameko kuboshwe isihlobo segazi ngemuva kokubonakala kwamaconsi egazi abesuka ekhaya laso, aze afike lapho kutholakale khona isidumbu.
Kuthiwa umphakathi ube sewuphoqa umsolwa ukuba avule elawini lakhe. Uzithele echibini legazi, kunephenti nophaqa bakamufi endlini.
Ekhuluma neLANGA uNkz Vuyisile Ngcobo onguyisekazi kaNobuhle, uthe lesi sigameko sibashiye bedidekile bewumndeni, kwazise senziwe ngumuntu oyigazi labo.
ILANGA lithole ukuthi umsolwa uvelile ngoMsombuluko eNkantolo yeMantshi eMpendle, wanqaba ukufaka isicelo sebheyili, ethi unamahloni okubhekana nomphakathi.
Kuthiwa umphakathi waseNtshabantu bewuphume ngobuningi uye enkantolo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseMpendle avule idokodo ngemuva kokutholakala kwesidumbu sowesifazane oneminyaka ewu-23 sidindilize emgwaqweni.
Uthe kulesi sehlakalo kuboshwe owesilisa oneminyaka ewu-43.