Sibanjwe oqotsheni isisebenzi somnyango ebesidayisela abokufika omazisi

365

INTATHELI YELANGA

KUPHELE amahlathi okucasha, inhlanzi yashelwa ngamanzi esisebenzini soMnyango wezaseKhaya esibanjwe oqotsheni sithengisela abokufika omazisi. Lona wesifazane (37), osebenza ehhovisi lalo mnyango e-Upington, eNorthern Cape, ubanjwe wuphiko lwe-Anti-Corruption Investigating Unit (ACIU) ngoLwesithathu – emuva kokuncinzwa indlebe ngemikhuba yakhe.

Ubanjwe ematasa nomsebenzi wakhe wobumnyama. Ngokombiko wamaphoyisa, lesi sisebenzi besamukela amantshontsho ngokunika abokufika lab’ mazisi. Sibekwe icala lenkohlakalo, kanti kulindeleke ukuba sivele eNkantolo yeMantshi yase-Upington maduze. Umsebenzi wamalungu e-ACIU – abambe lesi sisebenzi – ushayelwe ihlombe ngukhomishana wesifunda iZF Mgcawu, uMaj Gen Thabo Mphuthi.

Previous articleKwehle ixhala kubathandi boMkhokha ngoZamcolo
Next articleAmalungu oMkhonto Wesizwe elinde uZuma