Baphila ngemali yesibonelelo soyedwa, ngoba bonke kabanazo izitifiketi nomazisi
NONHLAKANIPHO SHINGA
SEBEPHEPHELA ekudleni kwasesikoleni nakomakhelwane abazukulu bowesifazane wakwaMtshali eQakwini, eMtubatuba ngenxa yokubhuqwa yindlala ekhaya okudalwa wukuthi uninakhulu nabazali babo kabanabo omazisi kanti abanye babo (abazukulu) kabanazo izitifiketi zokuzalwa. UNkz Ntshingo Bester Mtshali (72), uthi usezame konke okusemandleni akhe ukuthola umazisi ukuze ezokwazi ukubhalisela impesheni, akwazi ukuxosha ikati eziko. UNkz Mtshali uhlala nabazukulu abawu-12, munye kuphela kubona onesitifiketi sokuzalwa, naye wasizakala ngokuthi asishayelwe kubo kayise.
Uthi usuku nosuku kumele acabange ukuthi abazukulu bakhe bazolala bedleni. Uma engakwazanga ukupatanisa, kulalwa kungadliwe. Ngesikhathi ILANGA lihambele emzini kaNkz Mtshali, uthe uphila ngokuthi kube khona akutshalayo endaweni ayinikwa ngomakhelwane, uma kungekho okungadleka ngaleso sikhathi, usizwa yibona omakhelwane bamchathazele. Uthi abazukulu abafundayo badla esikoleni uma kuphakiwe, kuthi uma kungaphakwanga babuye bekhihla isililo. Omunye womakhelwane utshele leli phephandaba ukuthi nabo bayazama ukulekelela lapho benamandla khona, kodwa ngezinye izinsuku kuba nzima. “Uma izingane lezi ezincane zilambile, uzwa kuqhuma isililo ngisho ebusuku, ubone ukuthi kusho ukuthi kakudliwe. Ngezinye izinsuku siyaqinisela nje nathi, sithule ngoba kusuke kungekho esingakwenza.
“Abantu engibasola kakhulu yizingane zakhe ugogo ezizala izingane zizishiye naye bese ziyanyamalala,” kusho umakhelwane. UNkz Mtshali uthi usezame kwaze kwaphela amandla ukuthola umazisi. “Ngike ngazama ngisho izihlobo ukuthi zingilekelele, kodwa kwangenzeka. Sengikhathele. Kangisazi nokuthi sengibhalise kangaki kodwa ngingasizakali,” esho. Uthi unabantwana abane nabo abangenabo omazisi ngoba engakwazanga ukubenzela ngoba naye akanawo. “Lokho kwenza nabazukulu bangabi nezitifiketi zokuzalwa. Onaso nje munye naye wasenzelwa kubo. Nguyena kuphela othola imali yesibonelelo sikahulumeni, okuyiyona esiphila ngayoke uma beyilethile laba abamholelayo,” kusho yena.
Ikhansela lendawo, uMnu Siyabonga Mkhumbuzi, lithi liyafisa ukuthi lo mndeni usizakale. Lithi nalo liyaye lithathe lokho elinakho liyowunikelela umndeni, kodwa isifiso salo esikhulu wukuthi abakwaMtshali bathole usizo oluzobenza bakwazi ukuphila ngaphandle kokukhangezwa. “Isimo sakhona sinzima kakhulu. Uma ngiye khona ngiyobheka, ngiyaye ngishaywe ngamahloni nje indlela isimo esiyisona. Ngisho indawo yokuhlala, balala ndawonye endlini yesikhashana abayinikwa wumasipala ngoba izindlu zakhona zibhodlokile. “Uma bengalungiseleka izinto zabo, bangakwazi nokuhlanganisa imali kagogo neyesibonelelo sezingane, bathenge ukudla baphile,” kusho uMnu Mkhumbuzi. nonhlakaniphos@ilanganews.co.za