“Sibi isimo kuMenzi Ngubane”

1565

INTATHELI YELANGA

KUBIKWA ukuthi kwembulwa kwembeswa kumlingisi ongaconsi kubalandeli bakhe, uMenzi Ngubane, obedume ngelikaJudas Ngwenya emdlalweni owuchungechunge, Isibaya. 

Kuvela le mibiko nje, abalandeli bomdlalo owuchungechunge, iThe Queen odlala kuMzansi Magic (161) ngo-21h00 ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu bamlindele ngabomvu ukuba abonakale kuwona njengoba abakhiqizi bawo bebesanda kumemezela ukuthi usezodlala kuwona. 

Ngokubika kwelinye lamaphephandaba angeSonto, lo mlingisi ulaliswe esibhedlela iCharlotte Maxeke, eGoli. Kuthiwa ungena esibhedlela nje, besekunezinsukwana elokhu ekhala ngokuthi akaphilile. 

Kuzokhumbuleka ukuthi eminyakeni engaphezu kwewu-5 edlule, uNgubane wagcina efakelwa inso emuva kokugula isikhathi eside. Ngokwemibiko kuthiwa lo mlingisi usegunjini labagula kakhulu kanti yize eke waxineka, kodwa bekubonakala sekuba ngozi makhaza. 

Ngokwaleli phephandaba umthombo osebenza eCharlotte Maxeke ukuqinisekisile ukuthi lo mlingisi ukulesi sibhedlela. Uveze ukuthi yize noma imibiko ngokugula kwakhe ingaqondile kahle, kodwa kubonakala sengathi kuhambisana nenso lena ayekade efakelwe yona. 

Leli phephandaba langeSonto libike ukuthi omunye obesebenza noNgubane kwisibaya, ukuqinisekisile ukuthi akaphilile futhi usesibhedlela. Lesi sisebenzi sesibaya kuthiwa sibuzile ukuthi singakwazi yini ukuyombona esibhedlela, kwathiwa ngeke sikwazi ngoba kuvumeleke ukuba abonwe yinkosikazi yakhe kuphela, uNkk Sikelwa Ngubane. 

Siqhuba sithi esibhedlela kuthiwe akuvumelekile ukuthi kube nezivakashi ngenxa yokubheduka kwe-coronavirus. ILANGA lizamile ukuthinta uNkk Ngubane kodwa ucingo belukhala lungabanjwa.

UNgubane waqala ukugqama ejabulisa ababukeli bakamabonakude edlala indawo kaCijimpi kuKwakhala Nyonini. Wadlala indawo kaMazwi ku-Bambo Lwami, washayela isipikili edlala ekaSbusiso “Ngamla” Dhlomo kwiGenerations. Wake wadlala kwiYizo Yizo, Ashes to Ashes neGold Diggers. 

editor@ilanganews.co.za

Previous articleKuhlehliselwe uLwesine ukuvulwa kwezikole
Next articleOwe-PMB UTD usabalisa ngokuxoshwa yi-Chiefs