Sicasule amalungu omndeni isenzo somsolwa kwelokufa kwephoyisa

240

PHUMLANI GAMA

SINYUKUBALISE imimoya yomndeni wephoyisa okwatholakala isidumbu salo ngaphandle kwefulethi elalihlala kulona oThongathi isenzo sommangalelwa okuthiwa uphume eNkantolo yeMantshi yaseVerulam, ngoLwesihlanu ehleka yedwa, wavulela umsindo emotweni, wadansa. Umsolwa wayeyisinqandamathe sikamufi.

Amalungu omndeni kaSgt Sakhile Manyisa (35), athi kuwadinile okwenzeke enkantolo. “Sifike enkantolo, salinda ngasemnyango. Umsolwa ubekhona ephelezelwe ngabafowabo. Simbone engena, ngemuva kwesikhashana waphuma ehleka yedwa. Okubi wukuthi uhleko lwakhe belunokusiklolodela thina eseseka umndeni wakwaManyisa. 

“Udadewabo kaSakhile ungene ngaphakathi, efuna ukuzwa ukuthi kuqhubekani. Iphoyisa elihlala emabhentshini ngaphakathi enkantolo, lithathane ngempi yamazwi nodadewabo kamufi. Ngaphandle kwenkantolo, umsolwa uvele wavulela umsindo emotweni, edansa ekhombisa ukusichomela. Kusukela ekuqaleni, akakaze akhombise ukuzisola njengomuntu oshonelwe ngumuntu abemthanda,” kusho uCele. 

UNkz Pamela Manyisa, ongudadewabo kamufi, uthe usuku abatshelwe ukuthi lihlehliselwe lona icala, banokulungabaza. “Thina besihleli ngasemnyango. Kunomfana ophume ngaphakathi enkantolo wakhuluma nomsolwa, ngemuva kwalokho kwangena umsolwa. Kukhulu okwenzekayo kulolu daba, kodwa kasililahlile ithemba ngokusebenza komthetho waseNingizimu-Afrika,” kusho uNkz Manyisa. 

Previous articleAbazali bazithengele imoto ezosiza esikoleni 
Next articleSitholwe sinezimpawu zokushaywa isidumbu sendoda yemeya