Sichazwe njengensambatheka “engenaluzwelo” esikaMasipala weTheku ngoJojo 

271

INTATHELI YELANGA

SICHAZWE njengensambatheka “engenalo uzwelo” isimemezelo sikaMasipala weTheku sokuba izakhamizi zawo zibhoncule amapayipi amanzi aphakela amathangi (Jojo), axhunywe emapayipini kamasipala, kunalokho zisebenzise la mathangi ukukhongozela amanzi emvula. Ikhansela leDA, uMnu Mzamo Billy, lithe sikhombisa ukungabi nozwelo lesi simemezelo njengoba kwaziwa ukuthi izakhamizi zibulawa yindlala yamanzi ngenxa kamasipala.

UBilly ukhuluma kanjena nje, kunesitatimende esisanda kukhishwa wumasipala umemezela ukuthi yonke imizi enamathangi oJojo axhunywe kwi-system yawo (umasipala), kumele babhonculwe ngenhloso yokonga amanzi. Kuvela ukuthi isigcinamanzi iPhoenix 2 Reservoir Zone sithwele kanzima ngenxa yemizi enoJojo abaxhunywe kwi-system kamasipala. “Inkinga yenqwaba yamathangi (axhunywe kwi-system kamasipala) idala ukuthi amanzi ahlinzekwayo angatholwa ngendlela yizo zonke izakhamizi. Eminye imindeni ithola imbijana yamanzi noma ingawatholi nhlobo,” kusho isitatimende.

UBilly uthi iDA EThekwini inxuse umasipala ukuba uphuthume ucabangisise lesi sinqumo sawo. “Isimemezelo sokuba kubhonculwe oJojo ezindaweni ezibhekene nengwadla yokuphelelwa ngamanzi mihla namalanga, sibonakala sidala umonakalo omkhulu kunakuqala, ikakhulukazi njengoba lo masipala uneqhaza elikhulu kule nkinga (yendlala yamanzi) ngokungayinaki ingqalasizinda. Ukungaphuthumi kulungiswe ingqalasizinda eyakhahlamezeka ngesikhathi sezikhukhula, wukunganakwa kwamapayipi avuzayo nabantu abaxhuma amapayipi ngokungemthetho (bengawakhokheli amanzi), yizona zinkinga ezinkulu,” kusho uMnu Billy.

Previous article“I-PSL iphinde yachitha abaxhasi” beSwallows
Next articleIsililo isimo sezulu sidlula nemiphefumulo eMlalazi