Sichithiwe isicelo sebheyili yenkosi “edlwengule” isihlobo

307

PHUMLANI GAMA

SICHITHIWE yiNkantolo yeMantshi yaseBergville isiscelo sebheyili yenkosi yakwaHlongwane esolwa ngudlwengula isihlobo sayo.

UMnu Mlungisi Hlongwane (52) – okuvele ukuthi ubanjwe oqotsheni ngumfowabo omncane esembhedeni nesisulu, bengagqokile kwesingezansi ngasekupheleni kwenyanga edlule – ubevele kule nkantolo ngoMsombuluko.

 Oshicilelweni lwangomhla ka-4 kwephezulu, ILANGA Lempelasonto libike kabanzi ngokuboshwa kukaHlongwane okuvele ukuthi ukuboshwa kwakhe kuhlukanise phakathi amalungu omndeni. 

Kuthiwa kukhona abangahambisani nokuboshwa kwakhe kanti abanye bathi kufanele kudedelwe ingalo yomthetho yenze umsebenzi wayo. Kuvele ukuthi umsolwa waqala ngonyaka odlule ukugila isisulu abesidonsa ngendlebe ukuba singalinge silubike lolu daba kwabezomthetho ngoba uzosidubula, adubule nonina maqede azibulale naye. 

NgoMsombuluko inkantolo iveze ukuthi ngeke imdedele ngebheyili ngoba wenze leli cala engaphandle ngoshwele. Ubengaphansi kwesifungo seminyaka ewu-5 sokuba angalinge atholakale enecala. Eminyakeni eyedlule walahlwa yicala lokudlwengula isihlobo sikanina ongasekho, wagwetshwa iminyaka ewu-20. Ngemuva kokudedelwe ngoshwele,  amalungu omndeni ahlangana, wabuyiselwa esihlalweni. 

Ngokomnyango owengamele amakhosi, umuntu olahlwe yicala wagwetshwa akavumelekile ukuba abe yinkosi. Ilungu lomndeni elicele ukuba kugodlwe iminingwane yalo, litshele ILANGA ukuthi namanje sisemuncu isimo esizweni.

Leli phephandaba lithole ukuthi leli cala lizobuyela kule nkantolo ngasekupheleni kwale nyanga, okuyilapho khona kuzokhishwa usuku elizodluliselwa ngalo eNkantolo yesiFunda eMnambithi. 

phumlani@ilanganews.co.za

Previous articleI-Bay isiyiphonse kuNkulunkulu impi yezembe
Next articleEnye intsha ibona ukuvota kungeke kuyisize ngalutho