I-SAA yagcina isifana nomkhumbi ozikayo
INTATHELI YELANGA
KUSINDA kwehlela kuNkk Dudu Myeni owayengusihlalo weSouth African Airways (SAA) kusukela ngo-2012 kuya ku-2017 njengoba iNkantolo eNkulu yasePretoria isichithile isicelo sakhe sokudlulisa isinqumo seJaji Ronel Tolmay elamlahla ngecala, lamthola engumqondisi oyisephulamthetho ngoNhlaba (May) nonyaka.
IJaji Tolmay lathola ukuthi uNkk Myeni waziphatha ngendlela engenakho ukwethembeka futhi waba nobudedengu ngesikhathi engusihlalo weSAA.
Lokhu kuthiwa kwaholela ekutheni le nkampani yezindiza ingaphathwa ngendlela, izikweletu zayo zakhula ngendlela yokuthi umnotho wayo, owawuvele ungekho esimeni esihle, wacikizela kakhulu kunakuqala.
NgoLwesibili, iJaji Tolmay linqume ukuchitha isicelo sikaNkk Myeni sokudlulisa isinqumo salo, wayalelwa ukuba ashenxe ezikhundleni zokuba ngumqondisi ezinkampanini ezahlukene, okubalwa kuzo iJacob Zuma Foundation neCentlec, okuyinkampani kahulumeni ehlinzeka ngogesi omasipala abehlukene.
Ijaji lithe isinqumo salo kumele sisebenze ngokushesha, kungakhathalekile ukuthi uNkk Myeni uyalidlulisa icala.
NgoLwesibili ummeli kaNkk Myeni, uMnu Eric Mabuza, uveze ukuthi ikilayenti lakhe lithe kuzomele alushovele eNkantolo eNkulu yokuDluliswa kwamaCala (eBloemfontein) lolu daba.
Ngesikhathi efaka isicelo sokudluliswa kodaba kwiJaji Tolmay, uNkk Myeni wathi akalwethulanga uhlangothi lwakhe enkantolo.
IJaji Tolmay lavumelana naye kodwa lathi wayexwayisiwe ngokwehluleka kwakhe izikhawu eziningana ukuya enkantolo.
Esinqumweni salo ijaji lathi: “Inkantolo izonquma lolu daba ngobufakazi obuphambi kwayo. UNkk Myeni wathatha isinqumo esicatshangwe kahle sokuqhuba lolu daba ngale ndlela enza ngayo, waqoma ukungayi enkantolo izikhawu eziningana.”
I-Outa ithe izonxusa iCentlec neJacob Zuma Foundation ukuba lezi zinhlangano ziqinisekise ukuthi uNkk Myeni uyashenxa ezikhundleni zakhe.
UMnu Grant Back ongusihlalo weSaapa, uthe yize lesi sinqumo singeke sizibuyise izinkulungwane zemisebenzi eyalahleka kwaSAA, kodwa bazizwa bethobeke amanxeba ngokuthi inkantolo inqume ngale ndlela.
“I-SAA yagcina isifana nomkhumbi ozikayo, kwafuneka ukuba iphile ngokutakulwa, ikakhulukazi ngenxa yobudedengu bukaNkk Myeni.
“Izisebenzi zaseSAA zathwala kanzima ngenxa yokungaphathwa ngendlela (kwale nkampani), wukwehluleka kwabaphathi nenkohlakalo eyenzeka eminyakeni ewu-8 edlule,” kusho uMnu Back.