Siduve emakhazeni isidumbu sowaKwaShembe esibangwayo

804

Impikiswano ngozosingcwaba phakathi kwamalungu omndeni ‘nobeyintombi yakhe’ 

KWESOKUDLA nguMnu Gogo Nzuza isidumbu sakhe esiduve emakhazeni ngenxa yombango. Ngenhla nguGcinile Nzuza ephethe isitifiketi somshado kayise nonina, lapha uhleli nezingane zakwabo uNhlanhla noZanele. 
ISITHOMBE NGU: TSEPO MOLEFE

TSEPO MOLEFE

SESIDUVE emakhazeni kwaze kwaphela inyanga golokoqo isidu-mbu somhlambululi wasebandleni lamaNazaretha endlini yaseBuhle-ni ngenxa yombango osha phansi wokusingcwaba ophakathi komnde-ni kamufi nowesifazane okuthiwa ubeyintombi yakhe. 

ILANGA lithole ukuthi uMnu Lazarus Gogo Nzuza (81) waseKil-mon, e-Underberg – obengumhla-mbululi ethempelini lasoThandwe-ni – owashona mhla ka-12 kuNdasa (March), akafihliwe njengoba 

umndeni wakhe usunikele enkantolo ufuna ilungelo lokumfihla kwazi-se intombi yakhe enguNkz Lamlile Msomi waseMqatsheni, eHimeville, ithi umufi wayinika igunya loku-mngcwaba. 

Umndeni uthi lingawa licoshwe yizinkukhu, ngeke ilungu lawo li-ngcwatshelwe ngumuntu ongache-lwanga ngenyongo – kwazise use-khona umkalo.  

AbakwaNzuza bakhala nangoku-thi uNkz Msomi usina uyazibethela emfuyweni kamufi njengoba bethi usedayise izinkomo eziwu-17 ukuze ezokhokhela abameli abazomleke-lela agcine ekwazile ukungcwaba uMnu Nzuza. 

Bathi le mfuyo umufi wayi-thatha wayoyibeka emzini ka-Nkz Msomi – okuyilapho wa-shonela khona – wabatshela ukuthi uyiyisa emadlelweni aluhlaza. 

Indodakazi kamufi, uNkz Gcinile Nzuza, ithi ibahlukumeze kakhulu eyokuhlala isi-khathi eside kwesidumbu sika-yise emakhazeni ngenxa ye-ntombi egweve naso iveza ‘izi-ncwadi eziwumgunyathi’ eziyi-beka njengendlalifa. Uthi uyi-se ushadile nonina, uNkk Tha-ndekile Nzuza (69) futhi nase-Mnyangweni wezaseKhaya kuyavela lokho. 

“Lezi zincwadi ezivezwa enkantolo nguNkz Msomi, siya-zichitha ngoba akuveli ukuthi ubaba wazibhala nini emnike-za amandla okwengamela zo-nke izinto zakhe, kuhlanganisa nemfuyo. 

“Siyamazi uNkz Msomi ngokuthandana nobaba nokuthi banendodakazi, kodwa lokho bekungamniki amandla okuqophisana nomama ekulawuleni izinto zikababa ngoba kabasha-dile,” kusho yena.

 ILANGA lithole ukuthi lolu daba luseNkantolo eNkulu ya-seMgungundlovu lapho lusi-ngethwe khona yiJaji Piet Bezendenhout emuva kokuba umndeni wakwaNzuza walufaka khona uvimba uNkz Msomi ukungcwaba umufi. 

UMnu Sibani Nzimande weNzimande SG Incorpora-tive, ongummeli wabakwa-Nzuza kuleli cala, utshele ILANGA ukuthi lolu daba lu-bukeka luzothatha isikhathi ukuxazululeka njengoba izi-ncwadi ezivezwe nguNkz Msomi athi zabhalwa ngumufi emnikeza amandla okwengamela amafa akhe, ziyathimulisa. 

“Sisafuna kucutshungu-lwe izinto ezithile ngalezi zincwadi ngoba akuveli ukuthi zabhalwa nini. UNkz Msomi uthi umufi wazibhala phambi kwe-nduna yendawo egcagca njengoba zingenaso nesigxivizo esiqinisekisa-yo, esiyisifungo sesiqinisekiso ngo-kubhaliwe,” kusho yena. 

Ummeli kaNkz Msomi waseZamisa Attorney’s, uNkz Nosipho Zami-sa, utshele ILANGA ukuthi ikilayenti lakhe livunwe yi-nkantolo ngoLwesi-ne ukuba lingcwa-be umufi ngoba ba-shade ngokwesintu, kulandelwa uhlelo lwamaNazaretha lwasesigcawini. . 

INkosi Bheku-muzi Duma yesizwe saseMaguzwana eMqatsheni, itshele ILANGA  ukuthi izincwadi zefa likaMnu Nzuza noNkz Msomi zenziwa phambi kwayo nonduna-nkulu wesizwe, uNkk Beauty Majozi emuva kokuba bethole incwadi eNkantolo yeMantshi yaseHimevi-lle  eyayibayalela ukuya enkosini njengoba babe

Previous articleucele utshale inqwaba yamaphoyisa emalokishini agcwele ubugebengu
Next articleUmfundisi umuke wafa ethandaza olwandle