JOHN HLONGWA
SIGODLIWE isinqumo ecaleni elifakwe ngabantwana beSilo uBhekuzulu okunguMbonisi, uVulindlela, uMxolisi, uLindiwe noMathuba, lapho bemangalele khona uhulumeni kazwelonke, owaKwaZulu-Natal neSilo uMisuzulu kaZwelithini. Leli cala lilalelwe eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ngoLwesine nangoLwesihlanu. Phakathi kwezinto abantwana abakhala ngazo, basola uhulumeni ngokweseka iSilo embangweni wesihlalo.
Bathi kwakungafanele iSilo uMisuzulu sinikwe amandla okuqoka uNdunankulu kaZulu njengoba saqoka uMfu Thulasizwe Buthelezi ukuba agunyazwe ukusebenzisa imali yesikhwama iNgonyama Trust. Bathi uhulumeni kakumele ukhokhele izindleko zecala lombango wesihlalo. Baveza ukuthi uma kwenzeka uhulumeni ungenelela ngosizo lwemali, kumele uxhase zombili izinhlangothi ezithintekayo.
Uhlangothi loMntwana uMbonisi lumelwe inkampani yabameli iJG and Xulu Incorporated Attorneys kaMnu Barnabas Xulu. NgoLwesihlanu abameli bezinhlangothi zombili, benze izethulo baqeda, kodwa ijaji lasigodla isinqumo.
Abammeli abasha beSilo – benkampani iCavanagh & Richards Attorneys – bayazihlangula, bathi kayikho imali eseyake yakhokhwa egameni labo. Ekhuluma neLANGALempelasonto ummeli weSilo, uMnu Ross Richards, uthe bayaziqhelanisa nokukhulunywa ngekhasimende labo. “Kayikho imali esike sayikhokhelwa yiNgonyama Trust. Esikwaziyo wukuthi ibhodi endala yakhokhela abameli abadala bakwaStrauss Daly u-R1 million. Kubuye kwaba nesivumelwano sokukhokhelana izikhawu eziwu-26, kodwa kwagcina kukhokhwe eziwu-13,” esho.
Zonke izinhlangothi ezithintekayo bezimelwe kuleli cala, kusukela kuMengameli Cyril Ramaphosa, uNdunankulu waKwaZulu-Natal uNkk Nomusa Dube-Ncube neNgonyama Trust.