SIGODUKE NOTHAPELO WASELIMPOPO ISICOCO SE-IDOLS SA

286

NGUTHAPELO Molomo waseLimpopo ohlwithe isicoco se-Idols SA sanonyaka, ehlula uNozi Sibiya waseMlazi

LUCKY CAIN
UHALALISELWE nguNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnu Bheki Cele ongumphathi wakhe, uThapeloMolomo onqobe umncintiswano, i-Idols SA, eHeartfelt Arena, ePretoria izolo ngeSonto. UThapelo uqophe umlando ngokuban ngowokuqala oqhamuka eLimpopo ukunqoba lo mncintiswano, ehlula uNozi Sibiya waseMlazi. Emcimbini wayizolo laba baculi uThapelo noNozi baqhulule izingoma ezahlukene, bashiyelana inkundla nezinye izihlabani zomculo zaseNingizimu Afrika okubalwa kuzona u-AKA, uDBanj, u-Oskido, amajaji e-Idols, uSomizi Mhlongo,uThembi Seete, uJR, uBerry nabanye abebekwi-top10 yalo mncintiswano.


UNozi ucule ekaRihanna ethi, “Please Dont Stop the Music”, uThapelo wacula ekaMaster KG, Makhadzi noZanda Zakuza ethi, “Diboya Limpopo”. Baphinde bacula ndawonye ingoma kaRihanna ethi, “Lift Me Up”. Kule sizini lo mncintiswano uqhubekile nokukhombisa idumela njengoba isibalo samavoti siqhubekile nokuba phezulu. Emcimbi wayizolo izinkumbi zabantu beziphume ngobuningi ukuyozibonela kuklonyeliswa onqobile. UThapelo uklonyeliswe ngo-R1 million, wunyanyavu lwemoto, amavawusha ezimpahla zokugqoka, yizinsimbi zomculo nenkontileka yomculo neKalawa Jazzmee. Phakathi kwezicukuthwane ebezikhona kulo mcimbi, kubalwa uMnu Cele, uNkz Thobeka Madiba noSjava. UThapelo uvale umcimbi ngengoma yakhe asanda kuyiqopha ethi, “Phanda”.

Previous articleBanengebhe osomabhizinisi baseMnambithi ngemvula
Next articleUSEZIKHINDINI UNOGADA OSOLWA EKUBULAWENI KWEKHANSELA