Sigwetshwe odilika ababili isangoma esadlwengula, sabulala

386

Wagwaza owesifazane, bamdlwengula, wamnquma uqhoqhoqho

ULindokuhle Mzimela owabulala ngesihluku uNkz Philile Nzuza (okwesokudla).

SKHOSIPHI MTHEMBU
UKHUNJUZWE yijaji eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ngobungoma bakhe owesilisa waseMpangeni ngesikhathi limchazela ukuthi kazikho izizathu ezizwakalayo ezingenza inkantolo igudluke esigwebeni emnike sona sodilikajele ababili neminyaka emihlanu. ULindokuhle Mzimela (25) ngoLwesine ugwetshwe ngamacala okuthumba, ukudlwengula nokubulala uNkz Philile Nzuza (38) eNgwelezane, khona eMpangeni ngoZibandlela (Dember) nyakenye. Ekwenzeni lesi sihluku, uMzimela wayebambisene noKhetha Prince Zulu (19), yena ogwetshe ngoLwesithathu iminyaka ewu-25 ngecala lokudlwengula nemihlanu ngelokuthumba. UKhetha leminyaka uzoyidonsa kanyekanye.


NgoLwesine, ILANGA libike ngokugonyuluka kukaMzimela enkantolo ngabakwenza kumufi, okwagcina ngokuba amnqume uqhoqhoqho. Evuma izono zakhe, uveze ukuthi bahlangana nomufi ehamba nomunye wesilisa, okwathi uma sebesondela kubona edonsa ummese, lona wesilisa owayehamba nomufi wabaleka. Uthe inhloso yabo kwakuwukubamba inkunzi, kodwa kwathi uma umufi ebatshela ukuthi akanawo umakhelekhukhwini, banquma ukumthumba bayomdlwengula beshintshana ngaye. Uveze ukuthi banquma ukuba bambulale umufi ngoba esaba ukuthi hleze ababophise ngoba wayebazi. Lethula isigwebo ijaji, uNkz Nompumelelo Radebe, lithe kazikho izizathu ezizwakalayo ezibekwe nguMzimela ezingenza inkantolo igudluke kulezi zigwebo ezibekiwe ngalawa macala.


Liveze ukuthi icala ulivume ngoba eseboshiwe, akazinikelanga emaphoyiseni noma eyobikela umndeni kamufi ngakwenzile. Lithe uNkz Nzuza wezwa ubuhlungu obungachazeki njengoba bamdlwengulwa esezinhlungini, njengoba uMzimela waqala ngokumgwaza amanxeba amathathu esiswini. Liphinde laveza ukuthi konke ababekwenza–uZulu noMzimela–babekuhlosile, babengenziswa wutshwala ngoba bakwazi ukucabanga ukuthi bambulale ukuze engeke ababophise. Lithe uMzimela ungumuntu okumele asuswe emphakathini ngoba uyingozi. Liphinde lamkhumbuza ukuthi njengoba eyisangoma esisebenza ngabantu, okubalwa nabesifazane, inkulu ingozi yokuthi usangakwenza lokhu akwenza kumufi.


Libe selimgweba iminyaka emihlanu kwelokuthumba, udilikajele kwelokudlwengula nodilikajele kwelokubulala, kanti izigwebo zakhe uzozidonsa njengoba zinjalo. Igama likaMzimela neminini-ngwane yakhe kuzofakwa ohlwini lwabadlwenguli. Ngesikhathi egwetshwa, bekukhona namalungu omndeni kamufi okungudadewabo, uNkz Sinothile Nzuza (34) nomzala wakhe,uMnu Sbonelo Mthalane. UNkz Nzuza wehlulekile wukubamba izinyembezi ngesikhathi ijaji lichaza ngesihluku esenziwa nguMzimela, ebulala udadewabo. Ekhuluma neLANGA emuva kokukhishwa kwesigwebo uNkz Nzuza, uthe yize engeke esabuya udadewabo, kodwa ujabule ngesigwebo esinikwe umbulali. “Isihlukumeze kakhulu indaba yokubulawa kwakhe, kusenzima ukuba izingane zamukele, ikakhulukazi lena endala ngoba unina wabulawa imvakashele ngamaholide kaZibandlela (December) njengoba ihlala kubo,” kusho yena.

Previous articleKubanjwane ngamawashingi kowoSuthu neRoyal AM
Next articleLikhiphe izidumbu idamu laseNseleni