Kayivuselelwanga inkontileka kaTshabalala oSuthwini
SENZO SOKHELA
UHLELA ukuwaphanyeka emgibeni amakhokho umdlali wakuleli ohlo-nishwa umhlaba wonke ngomlando awuqopha emqhude-lwaneni weNdebe yoMhlaba yokuqala ngqa e-Afrika obukuleli ngo-2010.
UMengameli wamaZulu FC uSandile “The Zunguness” Zungu uveze ukuthi le kilabhu ngeke imgcine uSiphiwe “Shabba” Tshabalala (36) (osesi-thombeni) obedlala kule kilabhu ngesizini eyedlule ngenxa yoku-thi akekho ezinhlelweni zomqe-qeshi uBenni McCarthy.
UTshabalala ohlonishwayo emhlabeni njengoba eshaye igoli lokuqala ngqa emqhudelwaneni weNdebe yoMhlaba ngo-2010, uzithola esebhekene nesimo so-kuqala phansi futhi ayothungatha umsebenzi okubukeka kuzoba yinto enzima njengoba egiji-me umdlalo owodwa vo kumaZulu ngesizini eyedlule.
AmaZulu amthathe evele esehlale isikhathi esingaphezulu konyaka engenakilabhu emuva kokuba ededelwe yiBB Erzuru-mspor yaseTurkey ngo-2019.
Leli phephandaba lihoshe ngemithombo yalo ukuthi uTshabalala uhlela ukuwaphanyeka emgibeni amakhokho akhe.
Umthombo waleli phephandaba oncikene kakhulu noTshabalala uthe: “Ubekulindele vele okwenzeke kumaZulu ngoba vele akukho okutheni akwenzile nje-ngoba ubengadlaliswa akazange amangale nakancane.
“Ngendlela isimo esiyisona uyabona manje ukuthi kuzoba nzima ukuthi athole ikilabhu yi-ngakho esezinhlelweni zokuwabeka emgibeni amakhokho akhe.
“Isifiso sakhe bekuwukuthi awaphanyeke emgibeni amakho-kho edlala kwiChiefs okuyiyona emenze lokhu ayikhona kodwa lokho akubukeki kuzokwenzeka.
“Ungamangali uma ememezela ukuthi uyaliyeka ibhola ngoba ufuna ukugxila emabhizinisini akhe elinye lawo abambisene kulo nomngani wakhe omkhulu uReneilwe Letsholonyane naye osanda kumemezela ukuthi uya-liyeka ibhola. Inkinga wukuthi uTshabalala akafuni ukuphuma ebholeni unomphelo ngoba ukho-lwa wukuthi kuningi angakwe-nzela ibhola lakuleli ngesipiliyoni asitholile.
“Eyokuqeqesha akayizwisisi kahle kodwa sizobona ngokuqhu-beka kwesikhathi,’’ kusho lo mthombo.
Imizamo yokuthola uTshabalala ukuba aphawule ngalolu daba iphunzile njengoba ucingo lwa-khe belukhala kodwa lungaba-njwa.