INTATHELI YELANGA
UMMELI wabamangalelwa ababili ecaleni lokubulawa kukaSenzo Meyiwa owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, ucele usuku eNkantolo eNkulu yasePretoria ukuze athi ukudlana indlebe namakilayenti akhe emuva kokuba emmeli wombuso, uMnu George Baloyi ethe laba bamangalelwa bagonyuluka ngokubulala lo nozinti futhi bakhomba kubo kwentombi yakhe, uKelly Khumalo lapho abulawelwa khona.
Kuzobe sekuqalwa elinye icala phezu kwaleli eliqhubekayo ukuphumputha ukuthi lobu bufakazi – bokuthi abasolwa bagonyuluka – buyasebenziseka yini. Kuvele ukuthi uMuzikawukhulelwa Sibiya wayivuma eyokubulala futhi wakhomba indawo yesigameko kanti uSandiso Ntanzi yena wenza izitatimende ezimbili evuma icala. Nokho-ke ummeli wabo, uMnu Sipho Ramosepele, uthe amakilayenti akhe ayayiphika eyokuvuma icala neyezitatimende okuthiwa azenza. Uthe uNtanzi wakugcizelela ukuthi wahlukunyezwa ukuze asayine isitatimende sokuvuma. Ecaleni lokubulawa kukaMeyiwa, uSibiya noNtanzi bangabamangalelwa noMthobisi Mncube, uMthokoziseni Maphisa noSifisokuhle Ntuli. UMeyiwa wadutshulwa washona ekubo kaKelly, eVosloorus, ngoMfumfu (October) 2014. Eyokucela usuku kukaRamosepele, yenze ijaji, uMnu Ratha Mokgoatheng laphithanelwa yikhanda njengoba belikhathazeke ngokuthi kuzodleka isikhathi sokuqulwa kwecala. Nokho ligcine lilihlehlisele uLwesihlanu.