SANDILE MAKHOBA
ISHIYE abantu abaningi baseNingizimu Afrika bengakholwa iCovid-19, intshontsha iciko elifike lahlukanisa abantu phakathi – abanye beligxeka abanye belincoma isibindi kodwa nabebengalizwa kahle bagcina sebelithanda ngenxa yengoma yalo ethi, “Obani Laba bantu”.
Izindaba zokudlula kukaNkk Olpha “GeeSixFive” Selepe (65), waseNewcastle, ngenxa yeCo-vid-19, ziqinisekiswe nguFika Selepe oyilungu lomndeni.
Uziqinisekisa nje, besekuphume isitatimende esisabalele ezinkundleni zokuxhumana nakwabezindaba, sichaza khona belu ukuthi leli ciko ebelithwele izigqoko eziningi njengoba belimatasa lenza iPhd kwiHigher Education e-UKZN yize iminyaka isihambile, lithathwe yilokhu kufa.
ILANGA lithole ukuthi uNkk Selepe uxinwe wukugula ebuya ukuyocula kwaSABC, eGoli, wadlula emhlabeni phakathi kwamabili ngoLwesibili.
Ngokwesitatimende ebesisabalele, kwatholakala ngoMsombuluko ukuthi unalesi sifo esidla fumuka sidla lulaza kanti ubegonqile emzini wendodana yakhe endala, uMnu Nhlakanipho Selepe, ose-Pinetown, eThekwini.
Emasontweni amabili adlule, uGeeSixFive waba nenkulumo ekhethekile neLANGA, lapho waveza khona ukuthi ukucula kwakuyiphupho lakhe kwakudala njengoba nasesikoleni ayefundisa kusona wayebhidisa ikwaya lomculo.
Enkulumeni neLANGA waveza ukuthi ngeke alubhade ezindaweni zobumnandi okujuxuzwa kuzona.
“Kumele ngibambe isithunzi sami sokuba ngumama ohlonishwayo ngamagalelo akhe. Ukungena kwami ezindaweni zokujuxuza kuzokwenza abantu babone sengathi ngilahlekelwe wumqondo,” kusho uGeeSix-Five engxoxweni ne-LANGA.
Wathi imicimbi azocula kuyona yileyo ezokwenzeka emini nekahulumeni kuphela. Waveza ukuthi sa-shuba isimo phakathi kwakhe nezingane zakhe ngesikhathi ezibi-kela ngokuthi usefuna ukucula amapiyano.
“Zakukhahlela nga-zo zombili kwaze kwa-ba kubi nje impela, ngithe sengiyoyenza ingoma ngazifihlela ngoba zazizonginqabela,” kusho yena.
Watshela ILANGA ukuthi abantu ababemeseka yizingane zikadadewabo, okuyizona ezakhuluma nezakhe ukuthi kumele asekwe esifisweni sakhe.
Wavezela leli phephandaba ukuthi ukukhipha kwakhe ingoma akuzange kube lula njengoba abanikazi bezinkampani ezikhiqiza umculo nabadidiyeli babengamphenduli nokumphendula, waze wangena kuGoogle ebheka umuntu ongamsiza.
“Ngaze ngathola uSphiwe Khanyile weHarambe Records, okunguyena owangemukela nge-zandla ezifudumele,” kusho leli ciko eselilele umphumulela wafuthi.
Lathi ngesikhathi lifika esitudiyo, uSphiwe wayehleli nabangani bakhe balihleka uma lisho uhlobo lomculo elifisa ukuluqopha. Ngemu-va kwesikhashana, lithi babona ukuthi liyayazi into eliyenzayo.
Ukudlula kwakhe emhlabeni kunyakazise abantu abaningi.
UNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, uNkz Hlengiwe Mavimbela, ukhiphe isitatimende ezwakalisa ukushaqeka, ekhalisana nomndeni ka-GeeSixFive.
Uthe uNkk Selepe ukhombisile ukuthi imfu-ndo iyisibani njengoba ethole iMaster’s Degree yakhe eneminyaka ewu-63 ubudala. makhoba@ilangane-ws.co.za