SANDILE MAKHOBA
KUKHALA nezaguga zaKwaMashu ngokushona komculi we-gqom, odlule emhlabeni ngoLwesibili ntambama exinwe yisifo senhliziyo.
UNjabulo “Biggie” Zondi waKwaMashu, ushiye kukhalwa kuleli lokishi njengoba kuthiwa ubelusizo emphakathini, kwabadala nakwabancane.
Leli ciko belaziwa ngomculo nokupheka ngakubo. Unina omdala kaBiggie, uNkz Zanele Zondi okunguyena okhulumela umndeni – utshele ILANGA ukuthi kusukela eshonile uBiggie ngoLwesibili ebusuku, abantu baphuma bengena bezokhala.
Uchaze uBiggie njengomuntu obewusizo olukhulu emphakathini njengoba benoDladla Mshunqisi bebethanda ukuphekela abantu abadala. “Ngikhala kanye nawo umphakathi ngoba bekungumuntu wawo, selokhu kungene ucingo lokuthi akasekho, abantu abasuka ezindaweni ezahlukene basina bededelana lapha ekhaya,” kusho uNkz Zondi.
U-Biggie waduma kakhulu ngengoma kaDJ Webster ethi “Obaleka”, ngemuva kwalokho wasebenza nabaculi abaningi abahlukene, okubalwa kubona noBabes Wodumo. Uhamba nje, iphupho lakhe beseliqala ukufezeka njengoba ubesethole ikhaya kwezomculo, eCharlie Communications.
Ubengahlukani noDladla Mshunqisi othi ngesikhathi kungena umyalezo wokuthi akasekho, bebeqeda ukukhuleka kubo kwalo mculi njengoba ubesegunjini labagula kakhulu esibhedlela iKing Edward, eThekwini, bemcelela ukululama.
“UBiggie ubekholelwa kakhulu emthandazweni. Selokhu engenile esibhedlela besihlangana kubo zonke izinsuku siyothandaza,” kusho uMshunqisi. Uthi uBiggie ushona nje, kunomsebenzi abebephezu kwawo. “Besilungiselela ingoma yakhe abezongipika kuyona. Ngizomkhumbula ngokuthi njalo uma ngihamba naye besiqamba amaculo amasha,” kusho uMshunqisi.
Kuhlelwa ukuthi uBiggie afihlwe ngoMgqibelo.