UMLANDO: MENZI JELE
MINYAKA yonke ngoNcwaba (August), eNingizumu Afrika kwethulelwa abesifazane izigqoko, bayahlonishwa. Mhla ka-9 kuNcwaba ngo-1956, abesifazane abevile ku-20 000, baqonda ezindlini zoMbuso, e-Union Buildings, bathi sekwanele, ngeke bavume ukuphathiswa odompasi. Esikhathini samanje, abesifazane bakuleli zwe sebekhombisa ukuba namagalelo ababazekayo ngoba amathuba asebavulekele.
UMNTWANA uMagogo.
Bangabaphathi ezikhungweni zikahulumeni nasemabhizinisini badlondlobele futhi baphethe imizi, benza izinto ezehlula iningi labesilisa. Omunye esimkhumbulayo ngale nyanga, owabeka induku ebandla ngamagalelo namakhono akhe, yiNkosazana yaseNdlunkulu kaZulu, uMntwana uMagogo Constance Sibilile Mantithi Ngangezinye kaDinuzulu.
INKOSAZANA KAMAMONGA
Omunye wondlunkulu beSilo uDinuzulu kaCetshwayo (uMamonga), kwakuyiNdlovukazi uSlomo (KaNtuzwa) uMaMdlalose. ISilo sasoSuthu, uDinuzulu, sabuthwalwa ubunzima ngoba sachitha iminyaka ewu-10 sidingiselwe esiqhingini iSt Helena ngoba uMbuso wamaNgisi eNingizimu Afrika, wawunegqubu noyise, iSilo uCetshwayo kaMpande. ISilo uDinuzulu saya ekudingisweni nabantwana uNdabuko kaMpande waKwaMinyamanzi noMntwana uShingana kaMpande wasoNkweni. Kondlunkulu baso, sahamba nokaNtuzwa neNdlovukazi uZihlazile (okaQethuka) eyayizalwa kwaMagwaza. Sadingiswa ngo-1888, safika esiqhingini sazala uMntwana uDavid Nyawana kokaQethuka, sazala uSolomon Maphumzana Nkayishana ngo-1893 koKaNtuzwa noMntwana u-Arthur Edward Mshiyeni ngo-1898 kokaNtuzwa.
ISILO uDinuzulu esinguyise woMntwana uMagogo.
Sesibuyile ekudingisweni, uMbuso wamaNgisi wasivalela esigodlweni eMkho-ntweni, oSuthu, KwaNongoma. Kkwakufanele sithole imvume yemantshi uma sifuna ukuphuma esifundeni saKwaNongoma. UMntwana uMagogo kaDinuzulu, wazalwa ngo-1900, ngaphansi kwezimo ezibucayi, iSilo sihlukumezekile emphefumulweni nesizwe sesesaba ukuzisondeza kusona.
UMTHENTE UHLABA USAMILA
ISilo uDinuzulu sasinamadodakazi amaningi. INkosazana kwakunguPhikisile Harriet, eyagcina isigane ummeli nomsunguli kaKhongolose, uDkt Pixley ka-Isaka Seme. Enye indodakazi yaso yagana iNkosi uMhloluthini kaSicoco Mbatha, yazala abantwana uGilbert noMathendelana KwaVezunyawo, eNkonjeni, eMahlabathini. Enye indodakazi yeSilo yagana iNkosi uMabhoko kaMasiphula kaMamba waseMgazini (kwaNtshangase). UMntwana uJoana Ntintisana kaDinuzulu, wagana iNkosi uMncinzeni Cebekhulu, bazala uMntwana uThukakwenzeka, oBizo. Enye yagana iNkosi uMdibanisi Dlamini, eNhlangwini, bazala uMntwana uLangalethu Griffiths.
UMntwana uMagogo nguyena owayemncane kunawo wonke amadodakazi eSilo. Waya esikoleni, kodwa ithalente lakhe laqala ukubonakala engakafundi isikole, engumculi. Wayedlala ugubhu, eshaya umakhweyana, imitshingo efundiswa nesithotholo. Konke lokhu wayekufundiswa ngunina, oKaNtuzwa. ISilo uDinuzulu sakhothama ngoMfumfu (October) ngo-1913, epulazini iUitkyk (KwaThengisangaye) eMiddleburg, esifundazweni iMpumalanga.
UMntwana uMagogo wayeneminyaka ewu-13 kukhothama uyise. Esaphila ekhuluma kweminye yemicimbi yaseNdlunkulu kaZulu, wathi yize uyise wakhothama esemncane futhi engahlalanga naye isikhathi eside, uyamkhumbula mhla ekhipha indodakazi yakhe iyogana iNkosi uMabhoko KaMasiphula kaMamba, eMgazini. Wathi ukhumbula nje ukuthi amehlo eSilo ayegcwele izinyembezi. Izinto zazitshekiswe ngamabomu wuMbuso wamaNgisi ebukhosini naseNdlunkulu kaZulu.
UMNTWANA UMAGOGO
UGANA KWABUTHELEZI (EKUSHUMAYELENI)
UMntwana uSolomon kaDinuzulu, nguyena obeyiSilo ekukhothameni kukayise ngo-1913. Isandla sakhe sokuphonsa, uMqwalajuba (iSilo uSolomon), kwakunguMankulumana kaSomaphunga Ndwandwe (iShudu), owayenguNdunankulu kaZulu, kubusa iSilo uDinuzulu. UMankulumana, njengomeluleki weSilo uSolomon, wathi yena usemdala, ngakho akasondeze iNkosi uMathole kaMkhandumba Buthelezi – emzalele uTshanibezwe – , eduze kwakhe. ISilo
uSolomon saphakamisa iNkosi uMathole Buthelezi waseKushumayeleni (igama lomuzi), eShowe ngesikhathi kuvakashe uPrince of Wales (King Edward V111), sathi nguyena osengundunankulu kaZulu. Akugcinanga lapho, uMankulumana wathi iSilo uSolomon masiqhube udadewabo, uMagogo ayogana iNkosi uMathole, ukuze ezoya njengomkhwenyana eNdlunkulu uma kunezinkinga. UMntwana uMagogo wamhlonipha umnewabo, wahamba wayogana eKushumayeleni eyitshitshi, eneminyaka ewu-26 ubudala.
IMPILO KWABUTHELEZI
UMntwana uMagogo wafika kwaButhelezi eyoba ngumlobokazi wakhona, bekhona vele abanye abasebegane iNkosi uMathole. Ngenxa yokuthi wayenegazi laseNdlunkulu kaZulu, futhi kuyisizwe sakwaButhelezi esakhipha izinkomo zokumlobola, wabengama abanakwabo. Ingane yakhe yokuqala nguMntwana uMangosuthu Buthelezi, wamthola eseneminyaka ewu-28 ubudala, ngoNcwaba (August) ka-1928, esibhedlela KwaCeza.
UMankulumana wayengasekho ngoba wadlula emhlabeni ngo-1926. UMntwana uMagogo uthola le ngane yomfana nje, uhlala kubo esiGodlweni KwaDlamahlahla.Noma eseganile kwaButhelezi, waqhubeka wacula, eshaya omakhweyana nogubhu. ISilo uSolomon sadlula emhlabeni ngoNdasa (March) ngo-1933, sakhothamela KwaNgenetsheni siyolamula umbango wamadodana oMntwana uKhambi kaHhamu, uHambayedwa noMashibha.
Abanye babebuza ukuthi uMntwana uMagogo ‘ugila mhlola muni’ ngoba waqhubeka wadlala umakhweyana eseganile ngoba yizinto ezenziwa ngamatshitshi lezi.
UDONSA AMEHLO OMHLABA UMNTWANA NGOBUGAGU BAKHE
Ngo-1939, kwaqala kwafika abathandi bomculo abavela emazweni ahlukene, sebezwe udumo loMntwana uMagogo ekwethuleni umculo oyigugu ebantwini base-Afrika. I-South African Broadcasting Corporation (SABC), yamqopha uMntwana uMagogo. Amaculo akhe abedlalwa abe yibika kwezinye zezinhlelo zeRadio Bantu, ejike yaba yiRadio Zulu njengoba sekuwuKhozi FM.
UMntwana uMagogo ikhono nesiphiwo sakhe emculweni wesintu wakwedlulisela ezizukulwaneni zakhe. UMntwana waKwaPhindangene, iNkosi uMangosuthu Buthelezi, ibiyigagu elibabazekayo. Uma kunoMkhosi weLembe, KwaDukuza, nguyena uShenge noMntwana waKwaMinyamanzi, uMntwana uGideon Layukona kaMnyayiza kaNdabuko kaMpande abebehola amabutho uma kuhutshwa amahubo kaZulu.
Umzukulwana woMntwana uMagogo, uLatoya Nontokozo “Toya Delazy” Buthelezi, unoxhaxha lwezindondo azithole selokhu eqalile ukuba semculweni we-Afro-Rave, njengamanje usezinze eLondon, e-England. Uma kunemicimbi nemikhosi eNdlunkulu kaZulu, sekubongwa amakhosi ohlanga kusukela eSilweni uShaka, kuze kuyophela ngeSilo uZwelithini, uMntwana uMagogo ubezedlula zonke izimbongi kulo mkhakha. Wayebonga amakhosi aKwaZulu aze asale yedwa eshashalazini.
Nezindlu eziphuma eNdlunkulu kaZulu, ubezazi njengoba ezazi, abonge nabantwana abangabanikazi balezo zindlu. Wayekhonza eSeventh Day Adventist Church (eSabatha), yize endlunkulu bebekhonza e-Anglican Church of Southern Africa (eSheshi). Mhla ka-21 kuNdasa (March) ngo-1975, uMntwana waKwaPhindangene wethula iNkatha yeNkululeko yeSizwe, eMishini yaKwaNzimela, eMthonjaneni.
UMntwana uMagogo noBhishobhi u-Alpheus Zulu, bazimbandakanya neNkatha kwaze kwaba sekupheleni kwempilo yabo, bengaphuthi ezingqungqutheleni zayo.
UKUHLONISHWA KOMNTWANA UMAGOGO
UMnu Thabo Mbeki esengumengameli wezwe ngo-2003, wahlonipha uMntwana uMagogo ngendondo ye-Order of Ikamanga in Gold, yize wayengasekho emhlabeni. Le ndondo umengameli uma eklomelisa amaqhawe namaqhawekazi ezwe, uyinika abavelele emkhakheni wezobuciko. USbongile Khumalo ongumzwili, naye waqopha amacwecwe lapho ecula khona izingoma zoMntwana uMagogo. Wenza ikhonsathi ePlayhouse, eThekwini, ngo-2002, eqhakambisa imisebenzi yoMntwana uMagogo. UZim Nqawana ongumculi we-jazz (ongasekho) wamhlonipha uMntwana uMagogo. UNqawana wayezalelwe, wakhulela e-Eastern Cape, eneziqu zeMasters in Music azithola e-University of Natal (Howard College).
INKUNDLA eqanjwe ngoMntwana uMagogo.
Waqamba futhi wadlala ingoma ethi‚ ‘Ode to Princess Magogo’. Wayishaya le ngoma eBat Centre, eThekwini, engakashoni, kwanyakaza ihholo lonke, lichwaza yinjabulo. KwaP, KwaMashu, kunenkundla yezemidlalo, iPrincess Magogo Stadium.
Yakhiwa ngeminyaka ka-1970‚ yavuselelwa ngesikhathi kufike imidlalo yeFifa World Cup kuleli ngo-2010.
Osomlando babeya kuMntwana uPhika kaSitheku Zulu, waseNtembeni, esasebenza KwaMuhle, beyoncela umlando kuyena. Uma kukhona angasakukhumbuli kahle wayethi, “Hhawu! Hambani niye kuMagogo, eMahlabathini, nguyena owazi izinto eziningi zendlunkulu yakithi.”
UMntwana uMagogo washonela esibhedlela iSt. Augustines, eThekwini, mhla ka-21 kuLwezi (November) ngo-1984. Namanje amagalelo akhe asabatshazwa. okaNdaba simkhumbula ngayo le nyanga yebesifazane.
IMITHOMBO ESETSHENZISIWE
– YiSouth African History on Line.
– uMnu Ben Timkin ubhale incwadi ngempilo yoMntwana waKwaPhi-ndangene ethi, “Buthelezi, the African statesman.”
– UMnu CT Binns unencwadi ethi, “The life and times of King Dinuzulu.”