Sikhuza ulaka isikhulu seChiefs

464

Nomqeqeshi wePirates ungaphansi kwengcindezi njengoba kuyiwa kowomkhaya

UKAIZER Motaung Jnr

SENZO SOKHELA
SIKHUZA ulaka kubalandeli isikhulu seKaizer Chiefs ngaphambi komdlalo omqoka wale kilabhu nomkhaya i-Orlando Pirates weDStv Premiership ngoMgqibelo ngo-15h30 eFNB Stadium, eSoweto. IChiefs iya kulo mdlalo nje, inengcindezi emuva kokuba ngeledlule idliwe yiLamontville Golden Arrows ngo-3-2 koweligi ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane. Abalandeli bayo baphume kulo mdlalo bebhodla umlilo njengoba bebelibeka ngesihloko elokuthi kabasamdingi umqeqeshi u-Arthur “10111” Zwane. Abanye bebecula izingoma ezingcofa lo mqeqeshi. Nokho nomqeqeshi wePirates uJose Riveiro ungaphansi kwengcindezi njengoba emlenzeni wokuqala behlulwe ngo-1-0 wegoli elihle elashaywa nguYusuf Maart esemngceleni weChiefs, ibhola lahamba laze layokhalakathela enethini kaSiyabonga Mpontshane owayevimbile.


UMpontshane waphenduka ihlaya emuva kwaleli goli. UKaizer Motaung Jnr, ongumqondisi jikelele wezebhola kwiChiefs, uthi imimoya phansi kubalandeli, izinto zizolunga njengoba le kilabhu ibunjwa kabusha. “Esikhathini esinjengalesi ngicabanga ukuthi njengabaphathi, ibhodi labaqondisi, usihlalo, kuyaphansi, sizama ukwakha isimo esizokwenza abadlali babe ngabanqobi, silethe abadlali abafanele, sibe nengqalasizinda eseqophelweni eliphezulu, bese senza nezinqumo eziphusile. “Njengamanje sinabadlali abasebancane, ikilabhu yethu iseyintsha, ngakho-ke imiphumela ngeke iqhamuke nje noma kunini, kodwa yona iyeza.


Ngasohlangothini lwethu kumayelana nokuhlela ngendlela yokwakha ikusasa. “Ngakolunye uhlangothi, sicela ukuthi imimoya yehle, sesekwe njengamaKhosi. “Kunzima, siyakuqonda lokho futhi kakukho noyedwa wethu ojabule ngendawo esihleli kuyona kwi-log,” kusho uMotaung Jnr. Uthi kuzofanele besekwe laba badlali abasebancane njengoba kuza lo mdlalo womkhaya.“Sesiqalile ukudlala ibhola eliyisikonkolo lethu, abalandeli bethu nabo abalibonayo kodwa kufanele lize nemiphumela emihle. Sizokwahlulelwa uma singakhiqizi. “Siyacela ukuba abadlali bethu besekwe njengoba kuza umdlalo womkhaya futhi sinalaba bafanyana abathembisayo abazoya kulo mdlalo bazinikele ngokwengeziwe ukuze baqinisekise ukuthi abalandeli bethu bayamamatheka.


“Kunzima njengamanje kodwa ezikhathini ezinzima njengalezi sidinga ukwesekwa ngabalandeli. “Siyabacela ukuba baleseke ithimba lethu labaqeqeshi, kuthi abadlali bethu uma sebengena enkundleni babanike amandla ngoba bayawadinga. “Noma kanjani bazongena enkundleni benze konke okusemandleni abo ukunqoba lo mdlalo.” Isiyonke imidlalo yeDStv Premiership ezogijinywa ngempelasonto imi kanje:
KUSASA NGOLWESIHLANU
ELucas Moripe: SuperSport Utd vs Maritzburg Utd 19h30. NGOMGQIBELO
E-FNB Stadium: Kaizer Chiefs vs Orlando Pirates 15h30.
EKing Zwelithini Stadium: Richards Bay vs Stellenbosch 17h30.
EPeter Mokaba Stadium: Sekhukhune United vs Cape Town City FC 17h30.
EMoses Mabhida: AmaZulu vs Royal AM 20h00.
NGESONTO :ENelson Mandela Bay: Chippa United vs Swallows 15h30.

Previous articleUbonga ukuphela komshado oqokwe kumaRoyalty
Next articleLiboshiwe iphoyisa “elidlwengule ona-13”