Umsolwa uthi wayethi ukugwaza umufi esandleni wayengaqondile entanyeni
INTATHELI YELANGA
SILAHLWE yicala lokubulala isitshudeni sase- Durban University of Technology (DUT) ngoLwesine, yiNkantolo yeMantshi eThekwini, esagwaza sabulala esinye kubangwa ukubingelelana. UMelusi Khoza (23), wagwaza wabulala uSifundo Mhlongo owashonela endaweni yezitshudeni zakulesi sikhungo, emgwaqweni uYusuf Dadoo, eThekwini eminyakeni emibili edlule. Lesi sigameko sokugwazwa kukaSfundo senzeka ngoMasingana (January) 2021, sashiya izitshudeni zishaqekile ukuthi sekungaze kuphume isidumbu, kubangwa indaba yokubingelelana. Ngesikhathi kwenzeka lokhu, amaphoyisa athi uSfundo washonela endaweni yesigameko emuva kokuba egwazwe ngemuva entanyeni. Umsolwa wazama ukubaleka ngemuva kwesigameko kodwa wabanjwa ngamaphoyisa ngemuva kwezinyanga ezimbili ebhace eSiphingo, eThekwini.
Ngokwesitatimende sikaMelusi Khoza kwabomthetho, uthe okwenza ukuba agwaze uSfundo, kungenxa yokuthi wayezivikela odlameni olwaluqalwe umufi. Uthe wathuka washaqeka uma esegwazeke entanyeni (uSfundo), ngoba wayehlose ukumgwaza isandla. Umshushisi uShennaz Hoosen, ukuphonsele inselelo okushiwo nguMelusi. Uthe bekuyinhloso ukubulawa kwakhe umufi. Ukuchithile ukuthi bekuhloswe ukuthi agwazwe isandla. “Ngokofakazi wombuso, akukho lapho umufi ahlasela khona kule ngxabano, obekukhombisa ubungozi. “Okukhona wukuthi kwaba khona ukuphambana kwemibono ngokuthi ngubani okufanele abingelele omunye. UKhoza nguyena owasukela umufi wamgwaza,” kusho uHoosen. Ijaji uShoba Maharaj likuchithile ukufakaza kukaKhoza, lathi kalikungabazi ukuthi kungamanga. Inkantolo ilihlehlisele uMandulo (September). Umufi ubulawa nje, ubenza unyaka wokuqala kulesi sikhungo, ebalwa nabafundi abayiziqengqe abaphasa ngamalengiso izifundo zabo.
mthobisis@ilanganews.co.za