Silambele imiklomelo isilomo seChiefs

661

SENZO SOKHELA

UNKOSINGIPHILE Ngcobo osephenduke isilomo seKaizer Chiefs. ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UPHOKOPHELE ukusiza iKaizer Chiefs ibuyelwe yisithunzi sayo ebholeni lakuleli aphinde aqoqe nenqwaba yemiklomelo uNkosingiphile Ngcobo ongumdlali osemncane osephenduke isilomo kule kilabhu.

IChiefs icazelane amaphuzu neStellenbosch FC kuba ngu-0-0 koweDStv Premiership ngo-Mgqibelo kusihlwa eDanie Craven Stadium, eWestern Cape. 

UNgcobo odlala esiswini kwiChiefs, uqokwe njengomdlali ovelele kulo mdlalo. UNgcobo ekhuluma emuva komdlalo, uzwakalise ukungenami ngamathuba abawamoshile.

“Kufanele siqinisekise (singabadlali) ukuthi uma sithola amathuba siwavalela enethini,” kusho uNgcobo. Uthi udumele ngokungalishayi igoli kulo mdlalo.

“Yiyona into okufanele ngihlale ngizama ukuyenza, ngingene ebhokisini ukuze ngizothola amagoli. 

“Ngiyajabula kakhulu. Ngibonga abaqeqeshi nabaphathi bekilabhu ngokungipha ithuba. Ngizosebenza kanzima ukuze ngikhuphule izinga lomdlalo wami. 

“Ngifuna imiklomelo eminingi, kangazi izoba mingaki kodwa kufanele ngilwele ukunyusa izinga lami,” kusho uNgcobo.

UGavin Hunt ololonga iChiefs, uthi nakuba ejabule ngephuzu abalitholile kodwa akagculisekanga ngezinto ezithile ezenziwe ngezakhe. Naye ukhale esikaNgcobo sokwakha amathuba amaningi kodwa bahluleke ukuwabhakuzisa enethini.

“Uma ungawashayi amagoli ngeke unqobe, kunalokho uzoba senkingeni. Kangigculisekanga ngalo mdlalo ngoba nasemuva besingebahle kahle,” kusho uHunt.

IChiefs ekhombisa ukubuyelwa wukuzethemba kwazise iyiqale kabi isizini, izobhekana neBaroka koweligi kusasa ngoLwesibili ngo-17h00 eFNB Stadium, eSoweto. UHunt uthi lo mdlalo ngeke ube lula ngoba iBaroka iyiqembu elihle.

USteve Barker ololonga iStellies uthi ujabule ngephuzu abalitholile. IStellies emdlalweni olandelayo izobhekana namaZulu FC ngoLwesihlanu ngo-17h00 eThekwini.

Isiyonke imidlalo yeDStv Premiership ephakathi nesonto imi kanje:

KUSASA NGOLWESIBILI

EFNB Stadium: Chiefs vs Baroka 17h00.

E-Orlando: Pirates vs TS Galaxy 17h00.

NGOLWESITHATHU

EDr Petrus Molemela: Celtic vs Chippa 17h00.

EThohoyandou: Leopards vs Sundowns 17h00.

Previous articleBaphumela obala uShwi noMtekhala ngoTshatha
Next articleUmsindo ngokuvula kothisha