Abazali bathi izingane zithwele kanzima, zishiswa yilanga ziphinde zinethwe phakathi emakilasini
PHUMLANI GAMA
BASOLA uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, ngokuhudula izinyawo ngezinhlelo zokwakhiwa kwesikole sezingane zabo, iNkangala Primary School, oBonjeni, eJozini. Abazali baveze ukuthi sekuyisikhathi eside bezama ukuxoxisana neziphathimandla zalo Mnyango ngosizi olubhekana nezingane uma zisesikoleni. Bakhala ngokuthi izingane zabo ziququdwa ngamakhaza, uma lina ziphoqeleka ukuba zime ngezinyawo ngenxa yemvula. UNkz Zethu Macwele, ongomunye wabazali bezingane uthe lesi sakhiwo sesisidala kakhulu. Uthe bakhathazekile bengabazali ngenxa yesimo esisazobhekana nezingane zabo njengoba kuzokwethwasa ihlobo.
“Lesi sikole sineminyaka engaphezulu kwewu-60 sasungulwa. Sakhiwa ngabazali ngodaka. Salokhu sishintsha kancane kancane kwagcina sekwakhiwe amakilasi ngezitini nothayela. Usumdala kakhulu uthayela. “Amanzi angena emathangini aqala kuwona lo thayela. Izingane ziphuza amanzi aphuma kuwona lo thayela. Amawindi kawasekho, noma sizama ukuwalungisa akusalungi ngesizathu sokuthi asemadala kwawona, izicabha zifile. Izingane zishiswa yilanga uma ziphakathi emakilasini ziphinde zinethwe yizimvula. “Kwesinye isikhathi siyaye sihlale nazo emakhaya uma lina.
Usihlalo nekomidi lakhe bayazama ukuxhumana nezinhlaka ezifanele kodwa akukho okuphumelelayo,” kuchaza uNkz Macwele.
ILANGA lixhumane noNkk Sphindile Mngomezulu, ongusihlalo wesigungu sabazali esibhekele ukusebenza kwalesi sikole iSGB, oveze ukuthi usehambe kwaze kwaguga izicathulo ekhuluma udaba lwalesi sikole kodwa namanje akukho okulungayo. “Kudala ngaqala ukuba sekomidini lalesi sikole sikhuluma lona udaba lokuba sivuselelwe. Ngo-2020 sathenjiswa ukuthi isikole sizokwakhiwa. Kuthe sisajabulele lokho satshelwa ukuthi akukho okusazoqhubeka ngoba sekuhlasele ukhuvethe.n “Namanje siyazama ukuxhumana nabo kodwa kabafuni ukusilalela. Sinxusa ukuba izikhulu zo-Mnyango wezeMfundo zisukumele phezulu odabeni lwalesi sikole. Okwenzekayo kugcina sekudala nokuthi ingxenye yothisha bangahlali kulesi sikole ngoba bengafuni ukusebenza ngaphansi kwezakhiwo eziyihlazo.
“Abanye basitshela ukuthi besaba ihlazo lokuthi bazozikhombisa kanjani izingane zabo ezikoleni abafundisa kuzona ekubeni ngasemakubo kunezikole ezisezingeni eliphezulu. Sibuye sibe nomcabango wokuthi uhulumeni wenza into avele eyijwayele yokubukela phansi imiphakathi esezindaweni zasemakhaya. “Thina kasinandaba nesakhiwo esisezingeni eliphezulu kodwa sifuna isakhiwo esizokwenza ukuthi izingane zethu zizibone zifundela endaweni ephephile,” kusho uNkz Mngomezulu. Okhulumela uMnyango weze Mfundo KwaZulu-Natal, uMnu Sihle Mlotshwa, uthe umnyango usezinhlelweni zokusilungisa lesi sikole. Uthe udaba lwaso lusanda kudluliselwa ehhovisi elibhekelele izakhiwo zalo mnyango.
phumlani@ilanganews.co.za