Silengisiwe isigwebo sowePirates kwelokushaya intombi

188

THANDOLUHLE NGUBO

UGWETSHWE iminyaka ewu-5 elengisiwe, ephelezelwa yinhlawulo ka-R100 000 uThembinkosi Lorch ongumdlali we-Orlando Pirates ngecala lokushaya ngenhloso yokulimaza uFundiswa Mathithibala, owayeyintombi yakhe eminyakeni emithathu edlule. Ubevele eNkantolo yeMantshi yaseRandburg namuhla ekuseni emuva kokuba yamthola enecala ngoNhlangulana (June) nonyaka. Njengoba isigwebos akhe silengisiwe, akufanele atholakale necala elifanayo kule minyaka ewu-5.
Emuva kokuba inkantolo imnike iminyaka ewu-5, imyalele ukuba akhokhele inhlangano elwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane, iPeople Opposing Women Abuse (POWA) u-R100 000. Kuvele ukuthi uzokhokha u-R50 000 namuhla kuthi esele ayikhokhe ngo-R10 000 izinyanga eziwu-5.
Iveze ukuthi lo mdlali akakulungele ukuphatha isibhamu ngaphansi komthetho iFirearms Control Act. Kuzokhumbuleka ukuthi uLorch wavulelwa leli cala ngoMandulo (September) 2020, kanti ubengaphandle ngebheyili ka-R2 000. IPirates yamemezela ukuthi isimhlawulisile emuva kokuvuma icala njengoba nayo yenza olwayo uphenyo lwangaphakathi.
Yabika ukuthi iyalele lo mdlali ukuba ayobona ochwepheshe abangamsiza alwe nenkinga yokulawula intukuthelo. Kwavela ukuthi useqalile ukuthola usizo njengoba waveza ukuthi ubonana noDkt Nomsa Nkuna-Boikanyo.

Previous articleUMoshe Ndiki nohlelo olusha lukamabonakude
Next articleUmatasa nomculo owodumo kwiSibaya