THANDOLUHLE NGUBO
KULINDELEKE ukuba siphume mhla ka-15 kuNhlaba (May) nonyaka isinqumo sokuthi bayayithola yini ibheyili abammangalelwa abawu-5 abayanyaniswa necala lokubulala umculi we-hip-hop, uKanian “AKA” Forbes nomngani wakhe. uTebello ‘Tibz’ Motsoane.
ULindokuhle Mkhwanazi, uLindani Ndimande, Siyanda Myeza, Muziwethemba Gwabeni noLindokuhle Ndimande, bebevele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini namuhla, lapho umbuso nabameli babo bephothule khona ukufaka izethulo.
Imantshi, uMnu Vincent Hlatshwayo, itshele inkantolo ukuthi beyingathanda ukukhipha isinqumo ngaphambi kwalolu suku, kodwa ngenxa yezibopho ezithile, izophoqeleka ukusikhipha ngalo.
Ezethulweni zombuso namuhla, unxenxe ukuba inkantolo ingabakhululi abammangalelwa ngebheyili ngoba ubufakazi obethuliwe bukhomba ngokusobala ukuthi bayabandakanyeka kuleli cala.
Uveze ukuthi ubufakazi bamarekhodi ezingcingo neziqophamkhondo (trackers) zezimoto, zikhomba ngokusobala ukuthi balandela u-AKA esuka esikhumulweni sezindiza iKing Shaka International, waze wayofika ehhotela ayezolala kulo ngaphambi kokuya endaweni yokudlela, iWish, esengaqweni u-Florida, eThekwini, lapho abulawelwa khona.
Abameli babamagalelwa bacele inkantolo ukuba idedele amakilayenti abo ngoba umbuso kawunazo izizathu eziqinile zokuthi kungani kumele bagqunywe esitokisini. Bathe uma amakilayenti abo ededelwa, azokwenza isiqiniseko sokuthi ayayigcina yonke imiyalelo yebheyili, futhi kawalona uhlupho emphakathini.