SENZO SOKHELA
ULUBALUBELA ukugijima kwi-Al Ahly umdlali weMamelodi Sundowns oke wayamaniswa nale kilabhu.
IDowns izobhekana ne-Al Ahly emlenzeni wokuqala we-quarter final yeCaf Champions League ngo-Mgqibelo ngo-21h00 kulo leliya lizwe.
UGaston Sirino (osesithombeni) weDowns uke wafunwa uthuli yi-Al Ahly kodwa wagcina engayijoyinanga ngenxa yokungavumelani ngemali kwala makilabhu.
USirino uthi angakuthokozela ngelinye ilanga ukujoyina le kila-bhu ehlonishwa i-Afrika yonke.
“Ngibonga ngiyanconcoza kubalandeli be-Al Ahly ngothando aba-nginika lona, ngiyafisa ngelinye ilanga ukubhekana nenselelo yo-kugqoka ijezi layo.
“Ukubhekana nayo kwi-quarter final yeChampions League kunga-thi siyodlala kowamanqamu.
“Kuzoba ngumdlalo omnandi lona, lokho angikungabazi. I-Al Ahly neSundowns ngamakilabhu amakhulu, kubalulekile ukuthi siwuthokozele lo mdlalo,’’ kusho uSirino.
Uthi ukulangazelele ukubhekana nomqeqeshi wakhe wakudala uPitso Mosimane okunguyena omnike ithuba lokudlala kuleli.
UMosimane uthi unovalo ngeDowns njengoba eyishiye ivutha bhe.
“ISundowns inabadlali abaseqophelweni eliphezulu, ngiyenze yaba yisilwane esizofuna ukuluma mina. Kulungile ibhola linjalo vele.
“Ngimbonile uPep Guardiola esekwiBayern Munich uke wabhekana neBarcelona abesuka kuyona yamthela othulini.
“Kodwa-ke ngifisa ingangehluli iSundowns kulo mdlalo,’’ kusho uMosimane.
* IKaizer Chiefs izobhekana neSimba SC yaseTanzania emlenzeni wokuqala we-quarter final yeCaf Champions League ngoMgqibelo ngo-18h00 eFNB Stadium, eSoweto.
* I-Orlando Pirates izo-kwamukela iRaja Casablanca yaseMorocco koweCaf Confe-derations Cup ngeSonto ngo-15h00 e-Orlando Stadium, eSoweto.