Bese kuphele isonto sangcwatshwa komunye umuzi oseNanda
THANDEKA NGOBESE
UPHAZAMISEKILE ezinhliziyweni umndeni wakwaMthethwa, eMkhomazi, inkampani yabangcwabi, iNcanda Funeral Services “imba” isidumbu sikababa wekhaya ebesiphambane nowesifazane ongamazi wona ungekho.
Umndeni kamufi, uMnu Robert Mthethwa isidumbu sakhe esigcine singcwatshwe ngoLwesibili emuva kokuba siphambane neso-wesifazane ochazwe njengoNkz Mathombi Mthethwa waseNanda, wahlehlisa umngcwabo ngeSonto emuva kokuba uthe uyabheka ebhokisini ngesikhathi ususemathuneni, wazithela phezu kwesidumbu sowesifazane.
UNkk Khethiwe Mpanza oyindodakazi endala kaMnu Mthethwa, uthi uMnu Ndabenhle Khwela ongumnikazi weNcanda Funeral, wabafonela ngeSonto ebusuku ethi usendleleni uyobalanda, kuyolandwa isidumbu sikayise lapho singcwatshwe khona eNanda, banqaba ngoba bese kuyisebusuku.
Uthi bavukele emakhazeni ngakusasa beyozizwela ukuthi sizombiwa nini isidumbu sikayise abatshelwe ukuthi bese sinesonto singcwatshwe wumndeni wakwa-Mthethwa abangawazi.
“Sivuke saya emahhovisi akhe akuGale Street, eThekwini sathuka soma sebesitshela ukuthi sebemlandile lapho bebemngcwabe khona. Okusixakayo wukuthi bamlande kanjani singekho thina.
“Ubaba utshelwe ngubani ukuthi useyasuswa kuleli thuna abesebekwe kulona, uphindela emakhazeni?
“Uma simbuza ukuthi kwenzeke kanjani bayomba isidumbu sikababa ngeSonto izinkantolo ebezizobanika imvume zivaliwe, uthe ubengadinge mvume yenkantolo ngoba ubeyokumba emakhaya, indawo iphethwe yizinduna nenkosi.
“Usitshele ukuthi uvumelane nomndeni wakwaMthethwa ukuthi uzosimba isidumbu sikababa bese emba ithuna elisha afake esabo,” kusho uNkk Mpanza.
Uthi ngesikhathi bembona uyise, ubegoqwe ngopulasitiki ocwebezelayo okuthiwa ungcwatshwe ngawo njengoba lo mndeni omngcwabile kuthiwa ungamaNazaretha, umkhiphile ebhokisini.
“Le nto isihlukumeze kakhulu futhi esikubonayo wukuthi abakwaNcanda bebazi kwasekuqaleni ukuthi basinika isidumbu okungesona esethu njengoba bakhipha intombazane eyodwa ihamba ngeveni isilethele isidumbu.
“Kwathi noma sesibatshelile ukuthi lesi sidumbu kasisazi, bazithela ngabandayo, bathi basazophenya kwaze kwahlehla umngcwabo. Basithembisa ukuthi bazozithwala izindleko zalo mngcwabo wesibili, kodwa bavele basinika itende elingenazo izitulo.
“Bekufanele balethe izimbuzi ezimbili; eyokugeza ubaba inhlabathi le angcwatshwa ngayo kulo omunye umuzi neyokumphelezela, kodwa bakhipha eyodwa.
“Siphoxekile futhi kuningi abasifihlela khona njengoba bengafuni nokusixhumanisa nalo mndeni siyozilandela thina umoya kababa,” kusho uNkk Mpanza.
ILANGA lizame kaningi ukuthola uMnu Khwela weNcanda Funeral Services, kodwa ucingo ubengalubambi. Ushiyelwe umyalezo ocingweni lwakhe kodwa wangawuphendula.
Ocingweni lwasehhovisi lakhe ophendule ucingo uthe usaphumile bazomdlulisela umyalezo, kuze kwashaya isikhathi sokuloba engabuyanga nempendulo.
Esinye sezisebenzi zakhe esiphendule ucingo sitshele leli phephandaba ukuthi uthe ngeke aliphendule ILANGA ngoba limbhala kabi, likhiphe ngisho izimoto zakhe odabeni lwango-Msombuluko ekubeni amanye amaphepha engazikhiphanga.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthe akufanele kube ngabangcwabi abacela imvume yokumba isidumbu kodwa wumndeni. Uthe kuliphutha ukuthi uma kumbiwa emakhaya kayifuneki imvume enkantolo.
“Ukumbiwa kwesidumbu kujule kabi, kawukwazi nokuthi usimbe ungcwabe esinye. Lo mndeni obekuyombiwa kuwona kufanele uvule icala lokungena emzini wawo ngokungemthetho,” kuchaza uCol Mbhele.