Ilanga News
Home 9 Featured 9 Singcwatshwe sesonakele isidumbu sika-Ayabonga

Singcwatshwe sesonakele isidumbu sika-Ayabonga

by | 11 January 2025

SINGCWATSHWE sesonakele isidumbu sika-Ayabonga Mjilo nokwenze inkonzo yomngcwabo wakhe ebiKwaNyanti eHlokozi yabamfishane.

Lokhu kuvezwe okhulumela umndeni uMnu Mthetheleli Mjilo oveze ukuthi ngenxa yokuthi isidumbu sakhe besesonakele kuphoqe ukuthi inkonzo ibe mfishane.

Uthe umndeni uzwe ubuhlungu ngesikhathi uyomlanda emakhazeni wangakwazi ukubona kahle ngenxa yesimo abekusona. Inkonzo yomngcwabo ka-Ayabonga ibemfishane kakhulu njengoba kukhulume uNdunankulu waKwaZulu Natal nelinye ilungu eligciine lingatholakalanga igama lalo.

UNtuli uqhubekile nokuzwakalisa ukukhathazeka kwakhe ngesihlava sokubulawa kwabesifazane esifundazweni.

Uthe ezindaweni ezisogwini nesifundazwe usengcwabe abesifazane cishe abane kusukela ngoDisemba nokuyinto ekhathazayo. Inkonzo yomngcwabo ibihanjelwe izikhulu zikahulumeni namalungu omphakathi.

Kuqhume isililo emathuneni omndeni ngesikhathi ibhokisi lika-Ayabonga selehla njengoba amalungu omndeni nabangani behluleke wukuzibamba basidinda esikaNandi.

U-Ayabonga wanyamalala ngoKhisimusi ephuma endaweni yokudlela eMhlanga. Kuboshwe obengumphathi wakhe ngalesi ngokushona kwakhe uMnu Mfanafuthi Kunene oseke wavela enkantolo. Kulindeleke ukuthi aphinde avele enkantolo ngomhla ka-26 kuFebruay 2025.

Ezisematheni

Bafuna kuvotelwe ukungabethembi ubuholi bukaRamaphosa

Bafuna kuvotelwe ukungabethembi ubuholi bukaRamaphosa

AMAQEMBU uMkhonto weSizwe Party (MK) ne-African Transformation (ATM) asebhalele ngokwehlukana uSomlomo wePhalamende uNkz Thoko Didiza ukuba ahlele usuku lokuba kudingidwe futhi kuvotelwe ukungabethembi ubuholi bukaMengameli Cyril Ramaphosa. Lokhu kuza ngemuva...

Umnyango nohlelo lomazisi kumakhalekhukhwini

Umnyango nohlelo lomazisi kumakhalekhukhwini

NGUNGQONGQOSHE weKhaya, uMnu Leon Schreiber. UMNYANGO wezaseKhaya usunike izakhamizi kuze kube wumhla ka-6 kuNhlangulana (June), ukuba ziveze uvo lwazo mayelana nemigomo oyihlongozayo ubuyekeza umthetho i-Identification Act (2002), ezokwenza kuqalwe uhlelo lomazisi...