Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Singcwatshwe sesonakele isidumbu sika-Ayabonga

Singcwatshwe sesonakele isidumbu sika-Ayabonga

by | 11 January 2025

SINGCWATSHWE sesonakele isidumbu sika-Ayabonga Mjilo nokwenze inkonzo yomngcwabo wakhe ebiKwaNyanti eHlokozi yabamfishane.

Lokhu kuvezwe okhulumela umndeni uMnu Mthetheleli Mjilo oveze ukuthi ngenxa yokuthi isidumbu sakhe besesonakele kuphoqe ukuthi inkonzo ibe mfishane.

Uthe umndeni uzwe ubuhlungu ngesikhathi uyomlanda emakhazeni wangakwazi ukubona kahle ngenxa yesimo abekusona. Inkonzo yomngcwabo ka-Ayabonga ibemfishane kakhulu njengoba kukhulume uNdunankulu waKwaZulu Natal nelinye ilungu eligciine lingatholakalanga igama lalo.

UNtuli uqhubekile nokuzwakalisa ukukhathazeka kwakhe ngesihlava sokubulawa kwabesifazane esifundazweni.

Uthe ezindaweni ezisogwini nesifundazwe usengcwabe abesifazane cishe abane kusukela ngoDisemba nokuyinto ekhathazayo. Inkonzo yomngcwabo ibihanjelwe izikhulu zikahulumeni namalungu omphakathi.

Kuqhume isililo emathuneni omndeni ngesikhathi ibhokisi lika-Ayabonga selehla njengoba amalungu omndeni nabangani behluleke wukuzibamba basidinda esikaNandi.

U-Ayabonga wanyamalala ngoKhisimusi ephuma endaweni yokudlela eMhlanga. Kuboshwe obengumphathi wakhe ngalesi ngokushona kwakhe uMnu Mfanafuthi Kunene oseke wavela enkantolo. Kulindeleke ukuthi aphinde avele enkantolo ngomhla ka-26 kuFebruay 2025.

Ezisematheni

Induna isola u-Dkt Zweli  Mkhize ngokugaqela isikhundla

Induna isola u-Dkt Zweli Mkhize ngokugaqela isikhundla

ISUSE ukukhuluma ezinkundleni zokuxhumana enye yezinduna zezinsizwa kwaMandlakazi, kwaNongoma, uMnu Nkosikhona Ndabandaba, odume ngelikaPhakel'umthakathi. UPhakel'umthakathi onabalandeli abaningi ku-facebook, usole uDkt. Zweli Mkhize, ngokugaqela isikhundla eNdlunkulu...

Izovela enkantolo “inkabi” esolwa ngokusebenzisana nephoyisa

Izovela enkantolo “inkabi” esolwa ngokusebenzisana nephoyisa

KULINDELEKE ukuba ivele ngoLwesihlanu eNkantolo yeMantshi yaseMzimkhulu 'inkabi' esolwa ngosebenzisana nephoyisa lase-siteshini saseMzimkhulu oSayitsheni Ntokozo Mngqithi, obhekene necala lokubulala ingoduso yakhe uSayitsheni Ntombi Mbanjwa, eyayiyiphoyisa khona...