Siqhubeke sesichithwe yinkantolo isiteleka sezisebenzi zeTheku

208

THANDOLUHLE NGUBO

KUYAQHUBEKA ukuphazamiseka kokuthunyelwa kwezinsiza emphakathini owakhele uMasipala weTheku ngenxa yesiteleka sezisebenzi ezibhekele ukuhlanzwa kwedolobha namapaki, ngaphansi kophiko iDurban Solid Waste (DSW) nolweCleanising and Solid Waste (CSW), esingenele osukwini lwesine noLwesihlanu. NgoLwesine uMasipala weTheku ukhiphe isitatimende esazisa izakhamizi ngokuphazamiseka kwezinye zezidingo zomphakathi, okubalwa kuzo ukuthuthwa kwemfucuza, wukuhlinzekwa ngamanzi nokusebenza kweminye yemitholampilo. 

Kuthiwa lesi siteleka siqale ngemuva komhlangano weSouth African Municipal Workers’ Union (Samwu), obungoLwesibili eCurries Fountain Sports Development Centre, eThekwini. Kulo mhlangano kubikwa ukuthi abaholi benyunyana bakhale ngokuxhashazwa kwezisebenzi bethi ziholelwa imali encane uma iqhathaniswa neholwa ngozakwabo abakwabanye omasipala bamadolobha amakhulu. Emuva kwalo mhlangano, izisebenzi zigcwale imigwaqo emikhulu yeTheku, zayivala ngemigqomo kadoti, imfucuza nezimoto zikamasipala. 

Umasipala uxuse izakhamizi ukuba zibekezele, kuze kudlule lesi simo.

Umkhulumeli walo masipala, uNkz Gugu Sisilana, uthe umasipala ukhathazekile ngoba kazikho izikhalo ezibhaliwe, ezathunyelwa yizisebenzi ezitelekile. Uthe bekumele zilandele imigudu efanele uma zinganelisekile ngendlela yokusebenza. “Umthetho walapha ekhaya – ngaphansi kweDSW – uthi ongasebenzanga akaholi. Nakulaba-ke kuzoba njalo ngoba abakwenzayo kakukho emthethweni. Ithimba lezokuqondiswa kobugwegwe lizobhekana nabathintekayo. Sizibophezele ukuxazulula izinkinga zezisebenzi ngokuxoxa nazo. Siyethemba amaphoyisa azosebenza ngokuzikhandla ukunqanda lobu budlova,” esho.

Yize lesi siteleka besisaqhubeka ngoLwesihlanu, iNkantolo eNkulu yaseThekwini ikhiphe umyalelo wokuthi kasikho emthethweni nokuthi izisebenzi eziyingxenye yaso zithathelwe izinyathelo ezifanele. 

Previous articleKuthungathwa abeqe esitokisini bebhekene namacala anzima
Next articleKusabatshazwa isihluku sesoka “elibulale” izaguga lixabene nomzukulu