TSEPO MOLEFE
KUGADLE kwezwela nasembonini yezolimo eNingizimu Afrika ukudlula emhlabeni komsunguli weMishini
yaKwaSizabantu, eKranskop, edume ngeKwaStekeni, uMfu Erlo Stegen (88).
Ngaphezu kokwenza umsebenzi weNkosi, uMfu Stegen – odlule emhlabeni ngoLwesibili olwedlule, ubebuye abengumqondisi weSilver Stream Farm.
Uzongcwatshwa mhla ka-8 kwephezulu, emuva kwenkonzo ezokuba khona KwaSizabantu.
Ekhuluma neLANGA Lempelasonto uDkt Siyabonga Madlala, ongumengameli weSouth African Farmers’ Development Association, uthe umkhakha wezolimo ugqemeke engeqiwa ntwala ngokushona kukaStegen.
Umncome ngokwedlulisela ulwazi lwakhe lwezolimo ebantwini abamnyama.
“Kusukela sisebancane,
besizwa ngoMfu Stegen nemisebenzi yakhe, kusukela kwezolimo kuze kufike nasezwini leNkosi.
“Kunemikhiqizo ebitholakala emazweni aphesheya, singenayo lapha eNingizimu Afrika, kodwa yena ukwazile ukuza nayo,
wayitshala futhi yamila kahle.
“Ushona nje, besisezinhlelweni zokuhlangana nethimba labaqondisi beSilver Stream Farm, ngoba kukhona ubesifisa ukuthekela kweminye
yemikhiqo etholakala kakhulu phesheya kwezilwandle, kodwa ekhona KwaSizabantu.
“Sifisa abasele epulazini baqhubeke nokuhle okwaqalwa nguMfu Stegen, kungashabalali ngoba engasekho emhlabeni,” kusho uDkt Madlala.
UMnu Mbongeni Sikhakhane, ongusihlalo we-African Farmers’ Association in South Africa (Afasa) KwaZulu-Natal, uthe le mboni ilahlekelwe kakhulu.
“Ukushona komuntu obebambe iqhaza kwezolimo kuyasilimaza kakhulu thina balimi, ngoba usuke ehambe nolwazi olunzulu olungaphilisa izwe,” esho.
Inhlangano yabezenkolo, i-Interdenominational African Minister’s Association of South Africa (Idamasa) idlulise amazwi enduduzo emndenini
wakwaStegen.
www.ilanganews.co.za