THANDOLUHLE NGUBO
UMASIPALA weTheku unxusa izakhamizi zawo ukuba zingawukhiphi udoti, ucela ukuba zibuyisele emagcekeni azo ebeseziwukhiphile, emuva kokuphazamiseka kokuqoqwa kwawo okudalwe yisiteleka sezisebenzi eziwuqoqayo. Ngokuthola kweLANGA, izisebenzi ezingaphansi kophiko iDurban Solid Waste (DSW), zinqume ukuteleka, zasaphaza udoti emigwaqweni yedolobha, zayivala ngezimoto zomsebenzi. Imibiko iveza ukuthi indaba ususwe wukunganeliseki ngamaholo.
Izikhalo ngamaholo zigqame ngoLwesibili ngesikhathi iSouth African Municipal Workers’ Union (Samwu) ibize umhlangano eCurries Fountain Sportfields, eThekwini. Kuvela ukuthi kulo mhlangano abaholi bale nyunyana bathe bafuna izisebenzi zalo masipala zihole imali elingana neyezisebenzi zabanye omasipala abasezingeni elilodwa neTheku.
Baveze ukuthi sebenze ucwaningo oluveza ubufakazi bokuthi izisebenzi zeTheku zihola amakinati uma beqhathanisa nezakwabanye omasipala bamadolobha amakhulu. Ngemuva kwalo mhlangano kusuke isidumo edolobheni, okuyilapho kuqale khona isiteleka.
Okhulumela uMasipala weTheku, uNkz Gugu Sisilana, uveze ukuthi lesi sitekela kasikho emthethweni futhi abayingxenye yaso ngeke baziholele izinsuku abangazisebenzanga. Uthe lezi zisebenzi bekumele zilandele imigudu efanele ukuze zithole izixazululo ezikhalweni zazo. Ukuphazamiseka kokusebenza kweminye imigwaqo yaleli dolobha, kusaqhubeka njengoba ilokhu ivalwa ngodoti nemigqomo kadoti evuthayo.