Sisazoqhubeka isiteleka sase-Ushaka Marine

221

THANDOLUHLE NGUBO

KUBUKEKA sisazoqhubeka, isiteleka -esesiyoqeda inyanga – sezisebenzi zepaki yokuzijabulisa, i-Ushaka Marine World, njengoba inyunyana yazo, iSouth African Municipal Workers’ Union (Samwu), ithi abaphathi bale ndawo kabakayikhulumi eyokuzikhokhela, ngokombiko owakhishwa ngo-2016. 

Ngenyanga eyedlule, ILANGALempelasonto libike ukuthi lezi zisebenzi zikhala ngokungakhokhelwa ngendlela efanele, yize i-Ushaka yathola umbiko owumkhombandlela wokukhokhelwa kwazo. Kuthiwa selokhu waphuma lo mbiko, izisebenzi ezingekho ezikhundleni kazikaze zikhokhelwe ngokomyalelo wombiko. Isikhulu esiphezulu sale paki, uMnu Ndabezitha Khoza, siveze ukuthi i-Ushaka kayikwazi ukukhokhela lezi zisebenzi imali eziyifunayo. Sithe ukuhambisa ngokwezimfuno zezisebenzi kungaholela ekuvalweni kwale ndawo ngenxa yokuphelelwa yimali. 

UNobhala weSamwu eThekwini, uMnu Xolani Dube, uthe lesi siteleka sisazoqhubeka ngoba abaphathi kabayikhulumi eyokuhambisa ngokwalo mbiko, yize zikhona iziphakamiso asebezenzile (abaphathi). “Esikufunayo wukuthi izisebenzi zikhokhelwe ngokombiko ka-2016. Esikutshelwe ngumphathi wukuthi useyitholile inkampani yesithathu ezocubungula lo mbiko. Ukucutshungulwa kwawo kungase kuthathe izinyanga ezimbili, okusho ukuthi uma kungekho esivumelana ngakho, sizoqhubeka isimo sibe nje,” kusho uDube. 

Lesi siteleka sesikhalise nabamaqembu ezombusazwe, asebenxexe abaholi bakamasipala ukuba bangenelele, ukuze kuvikeleke umnotho wedolobha. UMnu Zwakele Mncwango, ohola i-ActionSA KwaZulu-Natal, uthe inhlangano yabo ikhathazekile, futhi uyafisa lolu daba luxazululwe ngokushesha.

I-Ushaka Marine ingenye yezindawo ezihamba phambili ekudonseni amehlo ezivakashi eThekwini. Ukuvalwa kwayo kuphazamise
nezitolo ezikuyo njengoba izisebenzi ezitelekile zivumela kuphela abanakelela izilwane ezigcinwe kule ndawo. 

www.ilanganews.co.za

Previous articleI-DA ikhale ngokumoshwa kwemali kuphenywa inkohlakalo kuPappas ophume phambili
Next articleUmlingisi “ushiye” Uzalo ngenxa yempatho