Sisekakeni uma kusavota abantu abathi uRamaphosa wafika neCovid-19

    471

    NGOSIBA LUKA-REV MKHEKHELEZI

    UMUNTU osakholwa futhi osethemba osopolitiki baseNingizimu Afrika namaqembu abo, ngivele ngizwe ngi-mdabukela ngoba akehlukile nengcanga egada umuzi ubusuku bonke, ivuke ekuseni iphakelwe isikhokho esifakwe amanzi. Uze uzwe ingane yakulowo muzi efunda uGrade 12, ithi: “Yidla Bobby, nawa ama-carbohydrates ne-H2O.” 

    Ungayizwa imihlola njengoba kuza ukhetho behamba bempongoloza, behhema, behubhuza amanga aluhlaza cwe njengejezi lamaZulu FC, bethembisa lokhu nalokhuya. Kunaleli qembu nje elithi uma sivotela lona, umuzi nomuzi uzokuba nomuntu osebenzayo. Kuphi khona? Izoqhamukaphi leyo misebenzi njengoba izinka-mpani zitshatha amasakana azo, zijokola?

     Bazozama-ke ukuchaza osiyazi ngesiNgisi esidida uTony Blair – ingani bazi ukuthi ukukhuluma isiNgisi esiwu-57 megatons of TNT njengaleliya bhomu laseRu-ssia, iTsarbomba – kusho ukuhlakanipha. Kukhona nje leli qembu obonayo ukuthi uma kungenzeka liphathe izwe, mhla kwamangalelwa abaholi balo, liyofika no-mmeli walo, umshushisi walo, ijaji lalo lize liphathele nomumangali owakhe ummeli.

    Kuthi uma iNPA iletha ijaji, kuvele kuthiwe: “Uxolo you bloody captured judge, recuse yourself, Gumede qhwakela laphaya ujaje leli cala.” Kunaleli-ke abaholi balo asebephenduke abadlali besikeshi. Ubabona behogela izinemfu nezalukazi, bexova udaka beswenkile, abanye benzela abantu ama-washing, uze uzibuze ukuthi kazi ‘Kwakhala Nyonini’, nali izwe liphenduka AbakwaZidenge! Abanye uyabona nje ukuthi uma bengase bapha-the, i-constitution ingashintshwa everyday. Namhlanje basho lokhu kusasa basho lokhuya.

    Ngiye ngizwe ngidabuka nje uma ngibona abantu bakithi abangasebenzi behla benyuka nemijiva yamaqembu abo yezepolitiki beshiswa yilanga, bengena umuzi nomuzi besinxenxa ukuba sivotele amaqembu abo, basithembise ukuthi iqembu labo lizodala amathuba emisebenzi. Basho nje, leli qembu abalikhankaselayo yilo kanye eliphethe uhulumeni, lawuphatha iKaizer Chiefs isawubhememe, idla izococo left and right.

    Sibadabukele-ke nkosi yami, sibalalele, emuva kwalokho sibathelele i-Oros sibanike namabhisikidi ukuthi bahlafune ngoba siye sizwe phela ukuthi amaqembu abo lawa abanika ikhathoni leKhentakhi elineguklumba elilodwa nenqina lenkukhu kuthiwe wukudla kosuku lonke. Manje-ke abantu ngeke ubatshele, bacabanga ukuthi abaholi bezepolitiki bagcotshwa ngubaba weNkosi uJesu. Uma nje uke wabatshela ukuthi umholi wabo u-so than so, wumkhufefe, basho ukukusheba nodoti. Futhi nje thina sisekakeni kuleli zwe, ikakhulukazi uma kusavota abantu abathi ubhut’ Cyril Ramaphosa wafika neCovid-19.

    Abanye bathi umalum’ uJacob Zuma bambona ephethe izithebe ephunga i-ebola – yagcina ingangenanga eNingizimu Afrika – uvele ubone nje ukuthi sidunuselwe ngamadimoni, ngezimnyama izinqe lezi. Kangisho ukuthi abantu mabangavoti, kodwa mabahambe bayovota ngoba kuyilungelo labo, kodwa mabakhumbule ukuthi bavotela izidingo zabo hhayi ukuthi kuphathe amaqembu abo.

    Ngikhuluma nje, sinohulumeni, kodwa abantu bakwamanye amazwe bashaya u-5 kuleli zwe. Nakhu nje izinsizwa zaseNigeria zigasele esiteshini samaphoyisa eKi-mberley, zashiya kumahlaphahlapha. Yize ziboshiwe, kodwa siyazi ukuthi kuleli lizwe zizophathwa ntofontofo kuhle kwentombi entsha, engakamdizeli umfokazi nge-sithebe sikayise. Ngeke usuke lapha uye eLagos uyokwenza i-nonsense, uhulumeni waseNigeria ungakukhombisa ukuthi kungani inyoka yakwazi ukugibela emthini kodwa ingenazo izinyawo.

    Izigebengu zikhomba ngophakathi, indlala isikhipha amakhovula, abadayisi bezidakamizwa bazidayisela ngisho izingane, imfundo yethu isifana nombhubhudlo owenziwe kujeke wafakwa i-teaspoon elilodwa likashukela o-brown. Yonke le nto idalwa wukuthi thina kasinendaba nokuvotela umuntu ongazi nokuthi kusuke kwenzenjani uma irandi lidunguzela, inqobo nje uma engoweqembu lethu.

    Sithathe lowo mphuphe sithi mawube ngungqongqoshe wezemali noma ube ngumengameli, uphathe odokotela abafunde 7 years, uphathe amajaji nothisha. Yingakho-ke nje kunenqwaba yodokotela nothisha abangaqashiwe, yingoba sivotela i-hogwash. Seningangithuka-ke uma nithanda. Amen.

    Hikhensile ngopfu ma-Afrika!

    Previous articleUZuma wamukelwe ngenhlokomo eChibini
    Next articleSiphinde senyuka isibalo sabantu abangasebenzi eNingizimu Afrika