Sishe ubuhanguhangu isakhiwo sePhalamende

483

Kuqubuke indaba yokuthi malithuthwe lisuswe eCape Town liyiswe ePretoria

KUBE muncu kusha isakhiwo sePhalamende eCape Town izolo.

BHEKI NDLOVANA
UKUSHA kwebhilidi lePhalamende eCape Town izolo ngeSonto, kuphinde kwaqubula indaba yokuthi kumele lithuthwe (iPhalamende) eCape Town, liyiswe ePretoria lapho enye ingxenye yalo ikhona okuyinhlokodolobha yezwe. Lo mlilo obusha ubuhanguhangu izolo ekuseni, ILANGA elilobe ingakaziwa imbangela yawo, kwabaningi kushintshe isimo sokujabulela ukungena onyakeni omusha saba muncu. Ngesikhathi sokuloba, iSouth African Police Service (SAPS), iqinisekise kuTwitter ukuthi kunomuntu oyedwa obanjiwe wayophonswa imibuzo mayelana nalesi sigameko.


Ekhuluma nabezindaba uMengameli Cyril Ramaphosa, uchaze okwenzekile njengesigameko esibuhlungu. Uqinisekise umphakathi ukuthi umsebenzi wePhalamende uzoqhubeka. Kusha iPhalamende nje, kulungiselelwa ukuba umengameli athule inkulumo yakhe yaminyaka yonke esizweni, iState of the Nation Address (SONA), evame ukuba ngasekuqaleni kukaNhlolanja (February). Ngawo uNhlolanja kuphinde kube nenkulumo emqoka kaNgqongqoshe wezeMali (uMnu Enoch Godongwana njengamanje) lapho esuke ethula khona isabelomali sonyaka omusha.


Esigcawini sabezindaba izolo, uSomlomo wePhalamende, uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula, uthe lesi sigameko kasisho ukuthi sekumele ingaqhubeki leyo micimbi. Uthe iSONA kumele iqhubeke, okubalulekile wukuthola enye indlela nendawo lapho umengameli azoyethulela khona. Okhulumela iPhalamende, uMnu Moloto Mothapo, uthe ithimba elijutshwe ukwenza umsebe nzi wophenyo lisematasa nawo. “Abaphathi bePhalamende baphatheke kabi ngalesi sigameko nobukhulu bomonakalo odalekile.

Banxuse izinhlaka ezifanele ukuba zenze konke okusemandleni ukuthola ngembangela yomlilo,” kusho uMnu Mothapo. Uveze ukuthi umlilo ucekele phansi uhlangothi oludala lwesakhiwo sePhalamende, olusha lapho lihlala khona iPhalamende njengamanje noluhlala uMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe (National Council of Provinces). Ngokusho kukaMnu Mothapo, akukho muntu olimalile.

UMnu Floyd Shivambu, oyisekela mengameli le-Economic Freedom Fighters (EFF), ephawula ngalesi sigameko ezinkundleni zokuxhumana, uthe: “Sonke kumele sivumelane ngokuthi esikhundleni sokuba kuvuselelwe lesi sakhiwo samakoloni, iPhalamende kumele lithuthelwe endaweni emaphakathi (nezwe), futhi okufinyeleleka kalula kuyona, lapho izindlu zokuphathwa kombuso (administrative capital) zikhona.

Akuphusile ukugcina iPhalamende liseCape Town,” kusho uMnu Shivambu. Inkulumo-mpikiswano yokuba kuthuthwe iPhalamende isineminyaka iqhubeka, kanti abangahambisani nakho, phakathi kwezizathu abazibekayo kukhona nesokuthi kuzodla imali enkulu kakhulu ukulithutha, kodwa abanye bakholwa wukuthi kungasiza ukongela uhulumeni imali eningi.

Previous articleUmndeni ucela usizo ngowathunjwa ngoKhisimusi
Next articleUbalisa ngokufela ubala onqobe oKhozini