SITHOLAKALE EDANYINI ISIDUMBU SOBETHUNJIWE

521
USADIDEKILE umndeni wakwaNgcobo kutholakala isidumbu sikaMthobisi Ngcobo obesekuphele izinsuku wathunjwa.

SKHOSIPHI MTHEMBU
noNOMFUNDO NGWANE
UKHUNGATHEKILE umndeni wowesilisa okutholwe isidumbu sakhe edanyini laseNanda, eThekwini, ngoLwesihlanu, emuva kokuba sekuphele isonto ethunjiwe. Isidumbu sikaMnu Mthobisi Ngcobo (23) waseCottonlands ngaseVerulam, sitholakala nje, kuthiwa wathathwa ngamadoda angaziwa ayehlomile ngoMsombuluko odlule, ayehamba ngeToyota Etios. Okudida umndeni kamufi wukuthi akukho okwaziyo okubi ngaye, kanti akakaze awutshele ukuthi kukhona axabene nabo. Isidumbu sakhe besikhombisa ukuthi ubehudulwa ngemoto.


Udadewabo kaMnu Ngcobo, uNkz Zinhle Ngcobo, uthe basadidekile ukuthi umfowabo ubenzeni kubani lena ebingenza abulawe kabuhlungu. Umfowethu wahamba lapha ekhaya eya eVerulam, wahlangana nomunye umfana abakhula naye, base bema, bexoxa ngoba babekade bagcinana. Uma sizwa, kwathi besamile kwaqhamuka imoto, kwehla amadoda awu-5 ephethe izibhamu. “Lona owayemi noMthokozisi wabaleka, yena wama. Kuthiwa laba besilisa bamkhomba ngezibhamu, bamfaka emotweni, bahamba naye.


“Ababona bathi wayenqaba ukungena emotweni ngoba engabazi, kodwa kwaphuma omunye emotweni wamphoqa ukuba angene. “Lo mfana owayemi naye, kuthiwa wabaleka waya emaphoyiseni, wafika wachaza ukuthi kwenzekeni. Wathi uyacabanga ukuthi babefuna yena ngoba kukhona ayexabene nabo futhi ubabonile. “Ukhulumile futhi nathi siwumndeni, wachaza ukuthi ubabonile laba abathathe umfowethu futhi uyabazi ngoba uxabene nabo,” kusho yena. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthe sekuvulwe icala lokubulala, kanti amaphoyisa asaphenya.

Previous articleBahlomule koweLANGA neBerea Tech
Next articleInkampani yaseChina isolwa ngokushaya abakuleli ngesithende