Sitholwe emgodisi isidumbu “soluthwe yisoka ngodizili”

1288

PHUMLANI GAMA

UBEBIKELE umngani wakhe ngokuthi ushiywa yigazi owesifazane waseMoyeni, eMtshezi, okumbiwe isidumbu sakhe emgodini ongashoni emuva kwalokho kwaboshwa owesilisa owayeyisoka lakhe ngoLwesine. 

   Isidumbu sikaNkz Vicky Madonsela (49), simbiwe emuva kokuba umsolwa ekhombise amaphoyisa nezinhlaka zezokuphepha emphakathini, lapho abegqitshwe khona. 

   Umufi wagcina ukubonakala ngoLwesihlanu lomhla ka-1 kuMandulo (September) eyohlangana nomsolwa ongowakhona endaweni, okuvela ukuthi ubethembise isisulu ukuthi uzosinika mahhala udizili awuthole enkampanini asebenzela kuyona eMooi River. 

   Ekhuluma naleli phephandaba uNkz Enhle Khumalo ongudadewabo kamufi, uthe baqale ukuqaphela ngoMgqibelo (mhla ka-2) ukuthi kukhona okushaya amanzi ngohambo lwelungu labo, ngoba lingathola-kali ocingweni. 

   “NgoLwesithathu umama ubike udaba esiteshini samaphoyisa. NgoLwesine kuqalwe uphenyo ngokubambisana nenkampani yesiqophamkhondo (tracker) esifakwe emotweni kadadewethu. 

“Kutholakale ukuthi imoto iyahamba futhi ilokhu ihambela endaweni eyodwa eMooi River. Itholakale ihamba yena umsolwa ephethe nocingo lukadadewethu. 

“Ubelokhu eluphendula ucingo uma efonelwa, etshela abantu ukuthi umnikazi walo akekho uye eNewcastle uzobuya. 

“Okusizwisa ubuhlungu wukuthi udadewethu ubebikele omunye wabangani bakhe asebenza nabo ehhotela ukuthi uzoyohlangana nomsolwa ngoba umthe-mbise udizili, athe uwugcine ngezigubhu eziwu-6. 

“Uthe ushiywa yigazi. Kuthe uma sifaka udaba ezinkundleni zokuxhumana, omunye wabaphawulile wathi uke wayibona le moto ihamba umuntu wesilisa ephuma kwesinye sezitolo eqeda ukuthenga izinto ezincane, obekukhona kuzona nejazi lomkhwenyana. 

“Umbulali usizwise ubuhlungu ngoba kudala bahlukana. Udadewethu ushiye izingane ezimbili, eyodwa yazo ifunda enyuvesi, kukhona nomzukulu ozalwa ngenye yamadodakazi akhe,” kusho uNkz Khumalo.

Previous articleUShenge ubashiye benethemba lokuthi uzolulama
Next articleINkatha ibonga uRamaphosa ngomngcwabo kaShenge