NONHLAKANIPHO SHINGA
USAKHUNGATHEKILE umphakathi waKwaMshanelo, eNtunda, KwaNongoma, emuva kokutholakala kwesidumbu sikaNkz Shodaphi Mbamali (44) sidindilize egcekeni, ebelethe ingane enonyaka ubudala, kodwa yona isaphila. Kuvela ukuthi umufi udutshuliwe.
Ngokuthola kwaleli phephandaba ngemithombo yalo, lesi sigameko senzeke ngeSonto ebusuku. Kusolwa ukuthi uNkz Mbamali ubenokungaboni ngasolinye noyise wengane yakhe, okusolwa yena ngalesi sigameko. Kuthiwa uyise wengane kuyimanje ugcwele izinkalo.
Umthombo weLANGA uveze ukuthi umsolwa ubalekile emuva kokuzwa ukuthi ufunwa ngamaphoyisa.
Imizamo yokuthola amalungu omndeni kaNkk Mbamali iphunzile.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Nqobile Gwala, usiqinisekisile isigameko, wathi amaphoyisa asaphenya, akekho osaboshiwe.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za