Sitholwe sesonakele isidumbu “sobevakashele isoka”

741

NONHLAKANIPHO SHINGA

UDIDEKILE umndeni wakwaMkhize, eMaqeleni, eShowe, kutholakala isidumbu sendodakazi yawo sesonakele esikhotheni eRichards Bay. 

Isidumbu sikaNkz Sanele Mkhize (19) (osesithombeni), sitholakale ngemuva kokunyamalala isonto lonke. 

Unina kamufi, uNkz Samkelisiwe Mhlongo, uthe indodakazi yakhe beyihlala emqashweni eNgodini, khona eShowe isondezela isikole, iPrincess Langazana Secondary, lapho ebifunda khona u-grade 11. 

Uthe inyamalala nje, yayitshele abangani bayo – ehlala nabo – ukuthi isayobheka isoka layo eRichards Bay, izobuya ngawo uMgqibelo ngoba ngeSonto kukhona lapho bekumele iye khona. 

“Sibikile ngokunyamalala kwakhe emaphoyiseni, safaka nasezinkundleni zokuxhumana. Kuphele isonto lonke singawutholi umkhondo, kodwa obekusixaka wukuthi ubebonakala e-online kuWhatsApp wakhe, uma sibhala imiyalezo, ingaphendulwa,” kusho yena.

Uthi njengoba indodakazi yakhe yanyamalala mhla ka-3 kwephezulu, ngoMgqibelo wangomhla ka- 9 kuthiwa kwafika isoka layo liyobuza ukuthi kwenzekeni kuyo ngoba kaliyitholi ocingweni. 

“Ufike emqashweni wakhe, uma sizwa ngezingane abehlala nazo, ethi sekunesikhathi ezama ukumfonela kodwa akamtholi. Ushiye inombolo yakhe wathi utholakala kuyo, kodwa uma siyishayela kayingeni nhlobo,” kusho uNkz Mhlongo. 

Uthe batshelwe ngomunye obone bebhale ezinkundleni zokuxhumana mayelana nokunyamalala kwendodakazi yakhe ukuthi kunesidumbu esitholwe ngamaphoyisa aseRichards Bay sesonakele. “Sithe uma sitshela amaphoyisa ukuthi ubehambe egqokeni, kwatholakala ukuthi nguye, kanti nesikhwama abesiphethe besinamakhadi akhe asebhange nezinye izinto zakhe, kodwa umakhalekhukhwini ubungekho,” kusho yena. 

Uzwakalise ukuthi banethemba lokuthi kukhona okuzishiwo ngamaphoyisa ngoba udokotela usihlonzile isidumbu, nokuthi azokwazi ukuthola ukuthi kwenzekeni endodakazini yakhe. 

Okhulumela amaphoyisa, uLt. Colonel Nqobile Gwala, uthe kuvulwe icala lokubulala, amaphoyisa asaphenya.

nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Previous articleUsizi emndenini kunyamalala ingane (8) ibuya esikoleni
Next articleOweChiefs uphawula ngabadlali bakhe ababili