Sitholwe sinezimpawu zokushaywa isidumbu sendoda yemeya

258

THANDI ZONDI

SITHOLWE ngoMgqibelo sesiqala ukonakala, sinezibazi zokushaywa isidumbu sendodana kaMnu Philani “PG” Mavundla (osesithombeni) oyimeya yaseMvoti, futhi ongumengameli we-Abantu Batho Congress (ABC), obese kuphele izinsuku inyamalele. Kubiwa ukuthi isidumbu sikaMnu Nkosinathi Mavundla (30), sitholwe silahliwe eGreytown, sivuvukele, kubonakala ukuthi uqale washaywa ngaphambi kokuba abulawe. 

ILANGA lithole ukuthi unyamalale kulindeleke ukuba abe nohambo noyise. Kuthiwa umndeni uze waqala ukuqaphela ukuthi kukhona okushaya amanzi ngoba engasatholakali ocingweni, seluvaliwe. 

UMnu USandile Mavundla, okhulumela umndeni, uthe: “Isikhwama sezimpahla nesemali beziphezu kombhede, uNkosinathi engekho. Ugcine ukubonana nomsizi wasendlini, kungatshengisi ukuthi kukhona okonakele. Kuthe uma kushaya isikhathi sokuhamba, ubaba wamfonela, wangamthola. Ucingo lwakhe beseluvaliwe.” 

Uthe kakukho lapho engabhekwanga khona umufi. 

UNkosinathi ushiye emhlabeni ingoduso nabantwana ababili, ubezalwa yinkosikazi yokuqala kaMavundla, uMaCele, nayo engasekho emhlabeni.  

ILANGA lizamile ukuthola ukuphawula kukaLt-Col Robert Netshiunda okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, kodwa kuze kwashaya isikhathi sokuloba engatholakali. 

Previous articleSicasule amalungu omndeni isenzo somsolwa kwelokufa kwephoyisa
Next articleI-Afrika iyobumbana ngo-20 leventeen uma sisasizakala ngosizi lomunye umuntu omnyama