Sitholwe sintanta edanyini isidumbu sokwatholakala igazi embhedeni wakhe

539

SKHOSIPHI MTHEMBU

KUTHOLWE isidumbu sakhe sintanta edanyini owesilisa waseSikebheni, eNanda, ogcine ukubonakala mhla ka-11 kwephezulu  emuva kokuba umndeni ufice umbhede wakhe ugcwele igazi, kodwa yena engabonwa. Kubikwa ukuthi isidumbu sikaMnu Siyethemba Ngidi (29) (osesithombeni), sitholwe sintanta edanyini laseNanda ngeledlule. 

ILANGA langoLwesine libike kabanzi ngalolu daba.

ilanganews.co.za/kutholwe-igazi-embhedeni-wonyamalele/


Leli phephandaba lithole ukuthi isidumbu sikaNgidi size sitholwe ngabantu abebedoba edanyini, kwabe sekubizwa amaphoyisa. UNkz Thobekile Ngidi ongudadewabo kamufi, ukuqinisekisile ukuthi isidumbu sikamfowabo sitholakale edanyini. “Amaphoyisa abe esesigcina isidumbu njengoba sitshelwe ukuthi asazophenya. Athe asevule icala lokubulala. Siwumndeni kasazi ukuthi kwenzekani ngoba kasizwanga muntu engena endlini yakhe. Samuzwa umfowethu ephuma ehamba ekuseni,” kusho uThobekile.

   Uthe kakukho abangakucabanga obekungenza ukuba azibulale ngaphandle kokuthi ubekhala ngebhange athi limthumelele umyalezo lithi ukweleta u-R1 200. “Ngigcina ukukhuluma naye, wangitshela ukuthi ubeyovula i-akhawunti ebhange, okuthe eseyivulile, lamtshela ukuthi uyalikweleta. Ngicabanga ukuthi konke kuzovela uma,” kusho uThobekile.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aseNanda aphenya icala lokubulala.

Previous articleWina Inyama Nemali kwi-ILANGA buka ividiyo ukuze uthole imininingwane
Next articleAbazali mabanake izinto ezenziwa yizingane zabo zisakhula