SITHOLWE SISHISIWE ISIDUMBU SIKATHISHA OBENYAMALELE

405

SKHOSIPHI MTHEMBU
SITHOLWE eSt Lucia ngoLwesibili sishisiwe isidumbu sikathisha waseMfolozi Primary School, eMtubatuba, obese kuphele izinsuku eziyisihlanu enyamelele. Ngokuthola kwaleli phephandaba, uNkz Mthembu ushona nje, bekulindeleke ukuba ziwushaye maduze. Kubikwa ukuthi ugcine ukubonakala ngoMgqibelo ekuseni ngesikhathi etshela umndeni wakhe ukuthi usaya endaweni ethile. Kuthiwa kuhambe isikhathi kwaze kwaphela usuku engabuyi. Umndeni uzamile ukumshayela ucingo, kodwa belungasangeni.


Uye emaphoyiseni uyobika ngokunyamalala kwakhe. Leli phephandaba lithole ukuthi ngoMsombuluko, imoto kaNkz Mthembu itholwe ngabafana abebelusile esigangeni, kwabe sekubizwa amaphoyisa ukuba abheke. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, ukuqinisekisile ukutholakala kwesidumbu, wathi amaphoyisa asaphenya. skhom@ilanganews.co.za

Previous articleUCOBELELE ABASAKHULA NGAKUFUNDILE EBHOLENI
Next articleBayobuke bafa ababili ‘abebentshontsha amakhebuli’