Sivele enkantolo isisebenzi saseDUT kwelokunukubeza isitshudeni (19)

188

PHUMLANI GAMA

SIVELE kafushane eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngeledlule isisebenzi saseDurban University of Technology (DUT)  esiyanyaniswa nezinsolo zokunukubeza ngokocansi isitshudeni (19) esenza unyaka wokuqala kule nyuvesi. Lesi sisebenzi sisolwa ngokuyengela oPhathe isisulu okuthiwa siqale ngokusithuma ukuba siyosithengela ugwayi esitolo. Umsolwa ungomunye wabaqashwe yile nyuvesi ukwenza umsebenzi wokusiza izitshudeni ngezindawo zokuhlala. 

UMnu Kapteni Mpontshane ongusihlalo wophiko lwezitshudeni ezingaphansi kwe-EFFSC, uthe okubaphatha kabi wukuthi umsolwa ubuye wasongela isisulu. “Uthe uzombulala uma ebike udaba emaphoyiseni. Sifuna ukuthi inyuvesi ibambisane nathi kuze kube kuphothulwa udaba,” kusho uMpontshane. 

Okhulumela iDUT, uNkz Simangele Zuma, uthe le nyuvesi ngeke iphawule ngalolu daba kwazise lusezandleni zamaphoyisa. Uthe inyuvesi inalo ulwazi ngokuboshwa kwesisebenzi sayo esiyanyaniswa nezinsolo zokudlwengula. “Inyuvesi inqume ukweseka umgilwa ukuze athole usizo oluseqophelweni eliphezulu,” kusho uNkz Zuma. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, uthe umsolwa uboshelwe icala lokudlwengula. “Uvele kafushane enkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoLwesine,” kusho uConst Ngcobo.

phumlani@ilanganewa.co.za

Previous articleKuhlehle olokuqokwa kwemeya yeTheku ngenxa ye-IEC
Next articleKusolwa “umbulali” ngokudukisa umkhondo ngengane etholwe emgodini wethoyilethi