THANDOLUHLE NGUBO
UNGGQONGQOSHE wamaPhoyisa kuzwelonke uMnu Senzo Mchunu uveze ukuthi amaphoyisa ayabazi abantu abafunela ukuthinteka esigamekweni sokubulawa kabantu abawu-18, eLusikisiki ngempelasonto. UMchunu usho lokhu ngesikhathi evakashele lendawo namuhla emini. Kulesi sigameko kwadutshulwa kwabulawa abantu besifazane abawu-15 okunguNonkanyiso Dukuza (19), uRuth King (21), uMandisa Dlokweni (59), uSamantha Sinqina (26), uLungiswa Gawulekana (51), uThandeka Mhlaluvele (46), Mary sinqina (63), Nombuliso Gawulekana (32), Mathembisile Myekiso-Sinqina (64), Nobelungu France (59), Nancy Sinqina (59) uDimpho Sinqina (30) noThali King Sinqina (26) kanye nabesilisa abathathu okunguThobile Sinqina (37), Smomoza Sinqina (14) noSigobodo Gxobela (59). UMchunu utshele amalungu omphakathi ukuthi uyazi ukuthi ababandakanyekayo kuleli cala bethukile kuyimanje ngoba amaphoyisa aseyabazi. Usebenzise leli thuba ukuxolisa emindenini yabashonelwe.
“Siyabazi abantu esibafunayo, ngiyazi futhi ukuthi njengamanje bayaqhaqhazela bethukile. Isenzo sabo siwubulwane ngoba bonke laba ababulelwe bebengakwazi ukuzivikela. Ngiyaxolisa nasemindenini ethintekayo ngokuthi singamaphoyisa asikwazanga ukubavikela, besikude sangakwazi ukuzwa isililo sabo kodwa siyathembisa ubulungiswa buzokwenzeka,” kusho uMchunu. Unxuse umphakathi ukuba ubambisane namaphoyisa ubike amalungu awo enza ubugebengu naphatha izibhamu ezingekho emthethweni. Uthi basazoqhubeka nokuweseka amaphoyisa adubula izigebengu ezisuke ziwahlasela