SIYALILA ISIZWE NGOSHENGE

915

Lucky Cain

AVELA nxazonke amazwi enduduzo ngokudlula emhlabeni koMntwana waKwaPhindangene, iNkosi uMangosuthu Buthelezi, obengundunankulu kaZulu nomsunguli we-IFP.

Izindaba zokudlula emhlabeni kukaShenge zimenyezelwe wumndeni wakhe okhiphe isitatimende esiveze ukuthi ubizelwe kwelamathongo namhlanje ekuseni.

Umndeni uveze ukuthi usazobhunga neSilo uMisuzulu, uMengameli Cyril Ramaphosa nobukhosi bakwaButhelezi ukuhlahla indlela eyaphambili mayelana nezinhlelo ezihambisana nokukhunjulwa kwakhe nokumbeka endlini yokugcina.

UMengameli Ramaphosa naye udlulise amazwi enduduzo emndenini kaShenge nasesizweni sonkana.

UMengameli we-IFP, uMnu Velenkosini Hlabisa, uthe nakuba iqembu lisemanzini, kodwa liyambonga uShenge ngobuholi bakhe obuqotho.

Namanye amaqembu epolitiki, okubalwa kuwona i-ANC, i-DA ne-Action SA, adlulise amazwi enduduzo emndenini nasesizweni sakwaButhelezi.

Sithi lala uphumule Mbabazane Emahaqa!

Previous article“Zigcwale udaka” kwisethenjwa soNyazi
Next articleInzondo ifana namadimoni afakwa nguJesu ezingulubeni