INTATHELI YELANGA
SIYAQHUBEKA isiphithiphithi emakethe yamakilabhu ePSL njengoba ngoLwesihlanu iMamelodi Sundowns imemezele ngoLwesihlanu isayinise umgadli waseBrazil, u-Arthur de Oliveira Sales (22). Lo mgadli ubegijima kwiLommel SK edlala kwiBelgian Challenger Pro League. Uke wadlala kwiVasco da Gama nakwiBahia – okungamakilabhu angakubo – nakwiPacos de Ferreira yasePortugal. Ushaye amagoli awu-10 kwiLommel ngesizini eyedlule.
* ISEKHUKHUNE United isayinise umgadli u-Andy Boyeli (23) waseDR Congo nomdlali wasophondweni lwesokunxele emuva, uSikhosonke Langa. UBoyeli – oke wayanyaniswa neKaizer Chiefs – ubedlala kwiPower Dynamos yaseZambia. ULanga yena ubegijima kwi-University of Pretoria. Laba badlali bethulwe ngokusemthethweni ngoLwesihlanu.
* UKATLEGO Maphathe (31) ozakhele udumo kwiRichards Bay FC, kuthiwa uzama inhlanhla kwiSekhukhune. UMaphathe ubesemabhukwini eCape Town Spurs ngesizini edlule, kodwa yamdedela ngemuva kokugengcwa yizembe. Nokho kuvela ukuthi mancane amathuba okuthi iSekhukhune imsayinise njengoba kuthiwa ikhala ngeminyaka yakhe nokuthi indlela adlala ngayo kayiligculisi ithimba labaqeqeshi.
KWABAPHEZULU: kusukela kwesokunxele; nguPromise Mkhuma, nguThamsanqa Gabuza noRushwin Dortley. PHAKATHI: ngu-Andy Boyeli no-Arthur de Oliveira kati ngenzansi nguKatlego Maphathe noThabang Sibanyoni.
* UTHAMSANQA Gabuza odedelwe yiTS Galaxy maphakathi nesizini edlule, kuthiwa uzama inhlanhla kwiMaritzburg United egijima kwiMotsepe Foundation Championship. Kuthiwa okwamanje usajima nale kilabhu, kodwa ithimba labaqeqeshi kalikanqumi ngaye. Ubeyingxenye yesikwati seTeam of Choice esehlule iNsingizini Hotspurs yaseSwazini ngo-1-0 ngoLwesine eMoses Mabhida Stadium, eThekwini – nokho ugcine ngokuhlala ebhentshini.
* UKHONJWA kwiChippa United uPromise Mkhuma (24) osanda kukhululwa yiMamelodi Sundowns. UMkhuma ubebolekwe iTuks ngesizini edlule, nayo okuthiwa iyafuna abuye.
* I-RICHARDS Bay FC, engazibekile phansi emakethe, yeboleke uThabang Sibanyoni (28) osemabhukwini eSundowns. Kuthiwa ubolekwe kuze kuphele isizini. Naye uSibanyoni ubegijima kwiTuks ngesizini edlule.
* URULANI Mokwena osanda kuqashwa njengomqeqeshi omusha weWydad Casablanca yaseMorocco, kuthiwa ulanda u-Allan Freese ukuyokuba ngumsizi wakhe. Kuthiwa iWydad isiziqalile izingxoxo noFreese.
* I-Chiefs isayinise isitobha seCape Town Spurs, uRushwin Dortley (22).