Siyaveva isikhulu selePSL ‘esigxazwe wonogada’

1013

PHILANI NCALANE


UPHUCWE ithuba lokuthandaza nabadlali bakhe uTim Sukazi onguSihlalo weTS Galaxy ehlulwe yi-Orlando Pirates ngo-2-0 koweDStv Premiership ngoMgqibelo kusihlwa e-Orlando Stadium, eSoweto. USukazi ubonakale kwi-video evinjwa ngonogada beBucs ukungena ezindlini zokushintshela abadlali. Lesi sigameko simehlise isithunzi njengoba kuze kwaqathaka nesigqoko avamise ukusigqoka nxa ehambele imidlalo yekilabhu yakhe.


Amagoli eBucs kulo mdlalo avalelwe nguBandile Shandu ngomzuzu ka-14 noKeletso Makgalwa ngoka-51. UMinenhle Mkhize wezokuxhumana kwiGalaxy, uthe lesi sigameko sizixove zonke izinhlelo zabo zalo mdlalo. “Njalo ngaphambi kokuqala kwemidlalo, uSukazi uthandaza nalo lonke ithimba lekilabhu. Isigqebhezana asisebenzisayo simvumela ukungena kuzona zonke izindawo enkundleni njengosihlalo wekilabhu. Manje kasazi noma emidlalweni yasekhaya yePirates iyaye ihluke yini imithetho kulena ebekwe yiligi.


“USukazi akavinjwanga sidlala ekuhambeni neMamelodi Sundowns, iStellenbosch, iMarumo Gallants neSuperSport United. Kasazi ukuthi kungani esevinjwa ukuyokhuleka nabadlali nxa sesibhekene nePirates. Kuphoqeleke ukuthi axhumane no-Irvin Khoza onguSihlalo wePirates neligi okunguyena oyalele onogada ukumvumela. “Nakuba kunjalo baqhubekile nokunqaba ukumvulela, bakhiya nomnyango. Sizobhalela iligi sikhalaze ngalesi sigameko.


Akekho usihlalo wekilabhu omkhulu kunomunye ngoba bonke bafaka imali yemindeni yabo kunobhutshuzwayo,” kusho uMkhize. IBucs iqhathwe neSwallows FC koweligi kusasa ngoLwesibili ngo-19h00 eDobsonville Stadium, eSoweto. Isiyonke imidlalo yeDStv Premiership kusasa ngoLwesibili iqhathwe kanje: EJonsson Kings Park Stadium: AmaZulu vs Chippa United 15h30. EPeter Mokaba: Marumo Gallants vs Cape Town City FC 17h00. ELoftus Stadium: Mamelodi Sundowns vs Baroka FC 17h30. EDobsonville Stadium: Swallows vs Orlando Pirates 19h30.

Previous articleBOND PROTECTION COVER
Next articleUyabalisa unina womfana ‘owashayelwa ukweba’