INTATHELI YELANGA
SIZOHLALELWA ngesonto elizayo – mhla ka-11 no-12 kwephezulu – eNkantolo yoMhlaba yezoBulungiswa, eThe Hague, eNetherlands isimangalo seNingizimu Afrika esifake kule nkantolo, isola i-Israel ngokuqoba ivungule abantu basePalestine – njengoba kunempi eqhubekayo phakathi kwala mazwe aseMiddle East.
Kulesi simangalo, elakuleli lisola i-Israel ngokwephula isivumelwano samazwe angaphansi kwe-United Nations (UN) esimayelana nembubhiso, i-United Nations Genocide Convention, ngokuqhubeka nokuhlasela iHamas, eGaza, ePalestine. I-Israel ithi elakuleli lisenga ezimithiyo. INingizimu Afrika ithi abameli bayo bamatasatasa balungiselela leli cala.
Khonamanjalo, i-Israel ithi amasosha ayo ayaqhubeka nokugasela eGaza, ePalestine ngenhloso yokubhidliza umhhume owakhiwe yizihonga zeHamas nokuthungatha abasolwa ngokuyihlasela mhla ka-7 kuMfumfu (October).
Ngokwemibiko, kushaye umhla ka-25 kuZibandlela (December) wonyaka odlule sebewu-22 000 abantu asebebulewe kule mpi, kubalwa kubo nezintatheli eziwu-69 – eziwu-62 zasePalestine, ezine zase-Israel nezintathu zaseLebanon – nezisebenzi eziwu-135 ze-United Nations Relief and Works Agency (UNRWA). Le mpi ishiye inqwaba yezakhamizi zasePalestine zingondingasithebeni.