Sizoze sicabange ukuthi ningoDJ Hlo beCAF

    1163

    NGOSIBA LUKA-REV MKHEKHELEZI

    UYAYAZI imihlola yenyoka eyakwazi ukugibela emthini ingenazo izinyawo! Webalandeli be-Orlando Pirates nabeMamelodi Sundowns, ningayisukeli imamba isemgodini wayo. Izolo ngibhale ngincoma abalandeli beKaizer Chiefs, kwathi azingiququde zingifele kuhle kwesikhafulo ezikaMagebhula nezaseChloorkop. Noma senikhala izinyembezi zika-petrol, yiqiniso ukuthi abalandeli beziMpofana basivale thaqa isikhala soMuzi Wezinsizwa, uSgudi S’naysi, uVelaphi etc. Ngakho-ke, ngisaphinda ngisasho, ngaphandle kweChiefs, ibhola lethu liyinathingi. Phela thina sithanda ukuzihlekela, hhayi ukuba serious sengathi sibuka iNqumbo yeMinyanya nePophelo ke Sempheko. Angisho-ke njalo ukuthi yiBucs neDowns leyo.

    Okubi-ke, wukuthi kunabalandeli abangithuke ngeqembu lami iMoroka Swallows. Kuyacaca ukuthi laba balandeli kabawazi kahle umlando webhola. Mabili kuphela amaqembu anomlando odida ngisho uSathane kunobhutshuzwayo waseMany Cannibals Afrika; yiJomo Cosmos neSwallows. UJomo Sono wakuveza kumabonakude – wahleka uDoctor Khumalo kwaze kwavalwa uhlelo isikhathi singakashayi – ukuthi yena wayisa iCosmos ehlathini 3 times, waphinde wayibuyisa. Kanti iSwallows yona yaya ehlathini iyiMoroka Swallows, yabuya isikhekhelembana, isiyiSwallows FC.

    Yake yakwenza lokho iBucs or iDowns? Cha. Yihlonipheni-ke iSwallows yami futhi yekelani ezinye izingane ziqinise emakhonweni azo, nani niqinise kwawenu, finish and klaar. Abalandeli beDowns nabeBucs kumele bazi ukuthi siyazi ukuthi uma sifuna ophakimpi kwezepolitiki, silanda i-EFF, uma sibafuna kunobhutshuzwayo, silanda abalandeli bePirates baseThekwini. Umqeqeshi weBucs obhedayo, uxoshwa eThekwini. AbeChiefs when it comes to impi, bayi-lightweight.

    Uma sifuna ukudla kahle ngamathenda silanda i-ANC, uma sifuna ukubuka ibhola elimnandi, sibuka iSundowns. Ngakho-ke, musani ukuba nomona nekhono leChiefs lezikaqedisizungu. Uma ngikhumbula kahle, munye kuphela umuntu onenzondo ewu-57 megatons of TNT ngeChiefs – bazokwazi laba bezesanyensi ukuthi yisilwane sini leso – nguJunior Khanye. Phela le nsizwa noma kungathiwa iChiefs idlala neqembu laseZubumnandi, iCreche yalaphaya kwaV, eMlazi, uKhanye uzothi: “You know Nkululeko my brother, iZubumnandi is going to win by 3-0. IChiefs inoSaile ogijima nebhola aze ayophuma nalo ngaphandle, kanti uSifiso Hlanti wu-N3, kulamula ama-toll gate!

    Ngakho-ke, pholani Mabhakajuju nani maSadawana, do not stoop that Khanye low, yekani abalandeli beChiefs nekhono labo lokusi-entertainer. Uyabona nje abalandeli bamaZulu naboPolokwane City, bavele bazithulela nje ngoba bayazi ukuthi umfundisi akathukwa, ngoba lokho kuwukuzibizela ihlathi. Futhi nje angazi ukuthi ngixakwa yini, ngithukeni nize nigcine la nithanda khona. Phela thina maSwallows kade kwasa zisinetha, ikhala ebhantshini, akusazweli.

    Thina maSwai-swai sifana nomjita onentombi eyenza i-side hustle ngokudayisa emgwaqweni ebusuku, okuthi uma usuyibambile, ixolise ithi ngeke iphinde. Uyixolele. Uphinde uyibambe noma kawu-7, ilokhu ixolisile, uyixolele. Thina ngisho iSwallows ingashaywa imidlalo ewu-35 ilandelana, umqeqeshi siyamxolela futhi noma ningaze nithi sifana nomuntu okwi-abusive relationship, asinendaba. Yehlisani umoya nje maBhakajuju nani maSadawana, ziphathiseni okwabantu abanezikanyezi ngoba sizoze sicabange ukuthi ningoDJ Hlo beCaf, kanti siyawazi umlando weDowns neShoe Shine, siyawazi nowePirates eyathatha inkanyezi ngiseyinsizwa nsi. Sit down and relax, uRev Mkhekhelezi, iSilo sasemaChunwini usazokhekheleza nje, kuyoze kubuye i-first born kaMariya noJosefa.
    Hikhensile ngopfu ma-Afrika!

    Previous articleBashaqekile kusha ibhasi eThekwini
    Next articleBachithwe yinkantolo befunela izingane ubuzwe bakuleli