Thongathi engcupheni yokushiywa wumgadli

1047

Uzingelwa ngamakilabhu e-Absa Premiership

SENZO SOKHELA 

UMENZI Ndwandwe ongumgadli woThongathi FC. 

LUSENGCUPHENI yokulahlekelwa ngumgadli omqoka uThongathi FC olugijima kwiGladAfrica Cha-mpionship njengoba kuvela ukuthi ufunwa uthuli ngamakilabhu agijima kwi-Absa Premiership. 

ILANGA lihoshe ngemithombo yalo ukuthi uMenzi Ndwandwe odabuka KwaMakhutha, ngapha-ndle kwaseThekwini ufunwa ngamakilabhu agijima kwiPremiership. 

Phakathi kwamakilabhu okuvela ukuthi afuna lo mdlali kungabalwa iBloemfontein Celtic, yiChippa United, yiBidvest Wits neMaritzburg United.

Ne-Ajax Cape Town eqhwakele kwiGladAfrica Championship kuthiwa icuthele ukuthi uma ike yanyuka iyamulanda. 

Kuthiwa ike yamfuna vele lo mgadli ukuba azoyisiza kuyona iGladAfrica kodwa izinto zagcina zingalunganga.  

Lo mdlali oke walihlikihla kumaZulu FC usehlohle amagoli angu-11 kuThongathi ngale sizini. 

Kuthiwa  yikhona lokhu osekumdonsele amehlo ezesheli. 

Inkontileka yakhe noThongathi iphela mhla ka-30 kuNhlangulana (June) nonyaka.

Lo mdlali ebuzwa ngalolu daba uthe: “Engingakuqinisekisa wukuthi inkontileka yami noThongathi iyaphela ngoNhlangulana. 

Eyamakilabhu angifunayo angiyazi mhlawumbe yaziwa ngabaphathi bami. 

“Kodwa ngeke ngiqambe amanga ngesizini ezayo ngizimisele ngokudlala kwiPremiership.

“Ngifuna ukubhekana nenselelo entsha manje. 

“Kungangijabulisa ukuya kwi-Premiership noThongathi njengoba sisasembangweni wesicoco seligi. Ngijabule lapha kuTho-ngathi futhi lungiphethe kahle angikhali ngalutho,” kusho uNdwandwe.

UMfundo Mathonsi wakwaPro-Sports International okuyinkampani ephethe izindaba zalo mdlali ebuzwa ngalolu daba uthe: “Okwamanje akukho okutheni engingakusho ngoba abantu bagcina ngokufuna kodwa bangenzi nento ebhalwe phansi. 

“Njengoba kunaleli gciwane le-corona abantu bavalile, mhlawumbe mase kudlule yonke le nto ngikholwa wukuthi kukhona abazoqhamuka. 

“Kodwa kungasijabulisa ukumbona enyuka nekilabhu yakhe uThongathi ngoba ulusebenzele ngobuqotho,” kusho uMathonsi.

 

Previous articleuyazethemba ngokubuyela kwi-absa premiership umdlali we-swallows
Next articleI-corona igadle kumgadli weJuventus