THANDOLUHLE NGUBO
SINGENELE osukwini lwesithathu isiteleka sezisebenzi zasemayini iGoldone-East Modderfontein, eSprings, eKurhuleni, ezingamalungu e-Association of Mineworkers and Construction Union (Amcu) eseziqhinqe emathunjini omhlaba kusukela ngeSonto ebusuku. Yize sisaqhubeka isiteleka, kodwa namuhla ekuseni kuvele imibiko ethi sezikhona eziphumele emgodini. I-National Union of Mineworkers (NUM) – engine yezinyunyana ezimele izisebenzi kule mayini – iveze ngomlomo womkhulumeli wayo, uMnu Livhuwani Mammburu, ukuthi sekuphume izisebenzi eziwu-107.
“Ngithole ukuthi lezi eziphumile zikwazile ukuhlula ngamandla laba abebezivalele ngenkani, zakwazi ukuphuma,” kusho uMammburu.
Unobhala wesifunda we-Amcu, uMnu Tladi Mokwena, uthe bayaphikisana nemibiko ethi izisebenzi ziphume emayini ngoba zithanda, waveza ukuthi seziphelelwe wukudla namanzi emgodini.
“Abaphathi bemayini bazivale zonke izindlela ebesifakela ngazo ozakwethu ukudla namanzi. Besingeke-ke sivume amalungu ethu aqhubeke ahlale emgodini engenakudla,” esho.
Isikhulu esiphezulu semayini, uMnu Jonathan Hericourt, siveze ukuthi imayini imatasa nemizamo yokuthi kuphume lezi ezinye izisebenzi ezisele emgodini. Ubike ukuthi zikhona ezisengaphakathi, esezicele ukukhishwa, ngakho-ke, bamatasa nemizamo yokuzemukela nethimba lezempilo uma ziphuma ngoba kungenzeka ukuthi kukhona ezilimele.
Khonamanjalo, i-Amcu ibonakale ngaphandle kwamagceke emayini lapho beyisayinisa khona amalungu ayo “u-elethu” (petition), efuna kunqanyulwe isivumelwano sabaphathi bemayini neNUM. Kuze kuba nalesi siteleka nje, yingoba i-Amcu ikhala ngokuthi incishwa amalungelo ayo kule mayini kwazise yona iyiningi, ngakho-ke kufanele iNUM ingabi nawo amanda ngaphezu kwayo. Isixazululo kulolu daba besingakaphumi.