U-DJ nesicelo kubathandi bobumnandi ngeTheku nabaculi baphesheya

189

LUCKY CAIN

UNESIFISO sokuba kuphele indlala yemicimbi ebophele nabaculi baphesheya kwezilwandle uDJ wodumo lokudlala izingoma zakudala nezothando, uDJ Muntu – obuye aziwe ngelikaMasterblaster. Lo mklwebhi wamapuleti uzobe eyingxenye yamaciko azonandisa emcimbini ozoba ngoLwesihlanu eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini. Lo mcimbi uzobe ubophele abaculi baphesheya kwezilwandle; uChris Walker noRegina Belle . “Ngifisa umcimbi wangoLwesihlanu uqede ukugqoza kwemicimbi enabaculi baphesheya. Kuhlale kukhalwa ngeTheku kuthiwa uma kunemicimbi yaphesheya, abantu bakhona kabaphumi ngobuningi. Ngifisa baphume ngobuningi kulo mcimbi wangoLwesihlanu, ukuze kuphele ukuthi iTheku kaliyeseki imicimbi enabaculi bapheya kwezilwandle,” kusho yena. Uveze ukuthi ngoLwesihlanu uzobe enza adume ngazo, ejabulisa abantu ngamanoni abawathandayo futhi abawaziyo.
“Lona wumcimbi esivula ngawo uZibandlela, siqala ubumnandi, ngakho abantu mabeze bazovula amaholide abo ngokujabula nathi,” kusho lo DJ oveze ukuthi kulo Zibandlela uzobe ematasa enandisa ezindaweni ezahlukene. Emcimbini wangoLwesihlanu kuzonandisa noMondli Ngcobo wodumo lwengoma ethi “Koze Kuse”. UMondli ubeyingxenye yabaculi ababambe iqhaza kwingqophamlando kaBlack Coffee yokugcwalisa iThe Madison Square eNew York e-USA. Amathikithi angoLwesihlanu asatholakala eTicketpro, asukela ku-R690.

Previous articleKukhunjulwe ingqalabutho kwezokuloba ngesiZulu
Next articleUthisha (40) kwelokudlwengula umfundi (13)